October 22, 2026
Screenshot_20260106_193103

I -Orlando Pirates seyidayise omunye wabadlali bayo obekubhekwe lukhulu kuye ngesikhathi esayiniwa ngaphambi kokuqala kwesizini .
Leliqembu likaMagebhula lisayinise abadlali abangaphezu kweshumi ngojune okukhona kubo noSinoxolo Kwayiba.

Ngesikhathi abanye babadlali abasha beshesha bejwayela kwi+Orlando Pirates futhi baba nomthelela eqenjini linqoba izindebe ezintathu uKwayiba ubengakangeni eqenjini linqoba lezindebe.

Bekubhekwe ukuthi athole ithuba lakhe kodwa ngemuva kokusayina u-Andre de Jong obekwiStellenbosch fc ibe seyimdayisela iChippa United.

IPirates isikuqinisekile ukufika kuka-De Jong njengoba beyiqala amalungiselelo omzllwiswano wesibili walesizini

IChippa ezinze e -Eastern Cape.imemezele ukubuya kwakhe esitatimendeni esikhiphe ngoMsombuluko ntambama

IChippa united fc inenjabulo ukwamukela uKwayiba osephinde wajoyina iqembu ngenkontileka yeminyaka emithathu

“Lokhu kwenze ukubuya kwakhe kube ngokonomphela ukwayiba ubuyela ekhaya ngesikhathi esibalulekile kwiChippa united

“Sikholwa ukuthi uzoba nesandla ekusizeni ukiuthi sibuyelwe umgqigqi nokubuyisa ukuzethemba esifundazweni.

“Iqembu lifisa ukubonga i-Orlando Pirates ngokusebenzisana kwayo nalo.ukuqeda lesivumelwano kusho iChippa esitatimendeni.

Ukeayiba ungumdlali wesibili ojoyine ipirates kubhekwe lukhulu kuye kodwa wafike wehluleka

Ngamphambi kwakbe kwakungu+Azola Matrose owayesemncane futhi ebukeka enekusasa eliqhakazile kodwa wehluleka eSoweto.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *