Ikusasa lkaPitso Dladla kwiGolden Arrows seliyangabazeka njengoba kubikwa ukuthi abaphathi abaneme ngomsebenzi wakhe.
Ngokibika kweSoccer Beat.i-Arrows isiqalile icubungula kabanzi ukuthi kungabe kifanele yini ayekwe aqhubeke nomsebenzi.noma kumele akhululwe
Le kilabhu yaseThekwini isanqobe umdlalo owodwa kuphela kweyisishagalombili yeligi kulesizini.
Lesi yisimo esingesihle kuleli qembu njengoba linezifiso zokwenza kahle kwiBetway Premiership .
Kubikwa ukuthi uMandla Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates .nguyena ohamba phambili kokubhekwe ukuba banikwe lo msebenzi uma uDladla ehluleka.
UNcikazi ulazi kahle leli qembu laseThekwini njengoba ake wasebenza kulo ngaphambi kpkujoyina i-Orlando Pirates eminyakeni engaphezu kwemihlanu edlule
Isikhathi asichithe eSoweto sesimnikeze ulwazi namava engeziwe.njengoba ebesebenza nabaqeqeshi abehlukene
Nokho asikho isiqiniseko sokuthi i-Golden Arrows izothatha siphi isinqumo ngo-Pitso Dladla kodwa kubukeka isimo sisibi
Imiphumela yemidlalo ezayo ingaba nomthelela omkhulu ekutheni ikusasa lakhe libukeka kanjani
