October 19, 2026
Screenshot_20261017_205509

I-Orlando Pirates isithathe igxathu elikhulu elibheke esigabeni samaqoqo kwiCaf Champanions league .kodwa iKaizer Chiefs ibhekene nentaba ngemuva kokuhlulwa kwiCaf Confedaration Cup.

IPirates inqobe ngo1-0 ibhekene nompetha baseNamibia .i-African Stars .eBotswana National Stadium eGaborone ngoMgqibelo ntambama.

UTshepang Moremi ube yiqwawe lezimnyama eshaya igoli elinqobise leliqembu ngomzuzu ka-75.

IPirates ikwazile ukubambelela naphezu kwengcindezi ye-African Stars ngasekupheleni komdlalo.

Kanti kwiChiefs kuphambanile eZambia .lapho iRed Arrows ishaye khona igoli sekusele amanenjqna yanqoba ngo1-0

U+Alassane Diarra ushaye igoli elinikeze i-,Arrows ithuba lokulwela indawo esigabeni samaqoqo ngomzuzu ka-85.

Imidlalo yomlenze wesibili izodlalwa ngolwesithathu lomhlaka 23 kuMfumfu eSoweto

IPirates izokwamukela i-African Stars e-Orlando Amstel Arena .inethemba lokuqinisekisa ukudlulela kumaqoqo .

IChiefs yona izodlalela e-FNB .lapho izodinga khona ukuguqula umohumela ukuze ingakhishwa kulo mqhudelwano.

I-Orlando Pirates isisondele ekungeneni kwesamaqoqo kodwa ikaizer Chiefs yona ibhekene nomqansa onzima endleleni yayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *