October 20, 2026
images (1)

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns u+Miguel.Cardoso .useveze icebo lakhe ngabadlali bakhe abalimale bekwiBafana Bafana.

Uthi uma bengakulungele ngokuphelele ukudlala kowamanqamu weMTN8 ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngeke abasebenzise

UBathusi Aubaas.u-Aubrey Modiba.noTeboho Mokoena bonke abangabadlali ababalulekile eqenjini likaCardoso .balimale bwkwiBafana.

Ebuzwa ngesimo sabo ngaphambi komdlalo wqmanqamu ozodlalelwa eMoses Mabhida Stadium .uCardoso uthe kusamele babhekwe kahle ngaphambi kokuthathwa kwesinqumo.

“Okubalulekile ukwazi ukuthi .futhi ngakusho kusukela ngosuku lokuqala lokhu.ngizophinde ngikusho .abadlali uma beya eqenjini lesizwe .bangabadlali beqembu lesizwe.

“Ngakho siyahambisana ngokuphelele nalokho “kusho uCardoso.

“Futhi siyajabula ngokuthi abafana bebekhona eqenjini lesizwe.futhi benze kahle.

“Kodwa kusobala ukuthi kubalulekile ukuqonda ukuthi ngeke sibeke engcupheni noma yimuphi umdlali”

UCardoso uthi abaflali babuyile kwi-Mamelodi Sundowns .ngolwesibili ekuseni futhi umnyango wezokwelapha usuqalile ukubahlola.

“Sinezinselelo eziningi esizibhekile.futhi nanuhla sizobona kangcono ukuthi isimo sabadlali sinjani.

“Izolo bafike ekuseni kakhulu futhi sabahlola phakathi nosuki” kuqhuba yena.

“Bekungokokuqala odokotela behlangana nabo selokhu bebuyile mina benginombiko izolo.

“Masilinde namuhla sibone ukuthi basabela kanjani ekuhlolweni kwethu kokuqala ikakhulukazi njengoba sizosebenza nabo bese kusukela lapho siqhubeke ”

Yize uCardoso ewubheke njengobalulekile lo mdlalo wamanqamu .ugcizelele ukuthi akafuni ukulahlekelwa ngumdlali isikhathi eside ngenxa yokumfaka enkundleni engakulungele”

“Into qinisekile ngamaphesenti angu -100 ukuthi ngeke sibeke abadlali engcupheni yize lo mdlalo wangempelasonto ubalulekile kakhulu ”

UCardoso uphinde waveza ukuthi iMamelodi Sundowns inohla lwemidlalo olumatasa ngemuva kwqlo mdlalo wamanqamu.

“Ngolwesibili kukhona omunye umdlalo .kukhona umzulwisano wokuhlungela iChampanions league.kukhona nemidlalo yeligi phakathi nendawo .bese siphinde sibe neSuper Cup”

Uthi ukulimala komdlali oyedwa isikhathi eside kungaba yinkinga enkulu eqenjini.

“Ngqkho ukulahlekelwa umdlali oyedwa imidlalo emihlanu eqenjini elifana nelethu kuyinhlekelele “kuchaza yena.

Ngqkho ke isinqumo sizoncika ekutheni laba badlali sebeluleme kangakanani.

“Kumele sibone ukuthi sebeluleme ngokuphelele yini noma basesimweni esithile nje.bese sibona ukuth bayakwazi yini ukudlala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *