October 18, 2026
images (3)

Kususe isasasa ukuqhathwa kwemidlalo yomzuliswano weCarling Knockout Cup ngolwesithathu ebusuku

ITS Galaxy ebiveze isifiso sokugwema ompetha bale ndebe banyakenye i-Orlqndo Pirates .ibe senhlanhleni safezeka isifiso sayo

Nokhp injabulo yayo isheshe yaphela njengoba iqhathwe nezinye inkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs.

Ziqhathwe kanje kwiCarling Knockout.

`kruger united vs Amazulu FC
‘Mamelodi Sundowns vs Marumo Gallants
‘ Golden Arrows vs Chippa united
‘ Durban City vs Srellenbosch FC
‘ Orllando Pirates vs Milford FC
‘Polokwame.FCvs Siwelele FC
‘Sekhukhune United vs Richards Bay FC
‘ Kaizer Chiefs vs T S Galaxy

Abaqeqeshi baphawule ngokuqhathwa kwaqembu abo

Umpetha ovikela isicoco se-Carling Knockout umqeqeshi we-Orlando Pirates .u-Abdeslam Ouqddou .ugcizelele ukuthi ngeke bayithathe kancane iMilford FC yize bebhekiwe ukunqoba

“Sizoyithatha ngokululeka okukhulu le ndlela” kusho u-Ouaddou.

“IMilford iqembu elhle.sesike sadlala nabo futhi siyazi kuzoba ngumdlalo onzima .

“Sinemidlalo eminingi kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi silwela ukuvikela isicoco sethu”

Ngakplunye uhlangothi umqeqeshi weMilford FC uXhanti Pupuma .uthe imidlalo.yenkomishi inomsindo wayo kodwa bona abanangcindezi

“Imidlalo yendebe ingekhethekile ” kusho uPupuma .asinayo ingcindezi .konke kuyasijabulisa futhi konke kusha kithi

“Siyethemba ukuthi sizokhombisa lokho esingakwenza sizobanika umdlalo onzima”

Ekhulumq egameni leMarumo Gallants ezogadulisana neMamelodi Sundowns uRonnie Kanalelo uveze ukuthi. Lena wuhlobo lwemidlalo ejabulosayo

“Siphilela imidlalo efana nalena .ukidlala nabahamba phambili “kusho ukanalelo .owayevimba kwiSundowns esengumdlali

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *