IPremier Soccer League (PSL) isiqinisekise izinsuku.izikhathi nezinkundla zemidlalo yomzuliswano wokuqala kwiCarling Knockout Cup
Imidlalo izoqala kule mpelasonto .kanti amaqembu angu-14 azobe elwela ukudla lesi sicoco okokuqala.
NgoMgqibelo iLamontville Golden Arrows izobhekana neChippa united ngo3 ntambama eking Zwelithini Stadium
Ngo -6 ntambama ngawo.uMgqibelo..iPolokwane City izodlala.neSiwelele FC.e-Old Peter Mokaba Stadium
Ngesonto iKruger United izoqala ukiudlala.kule ndebe ibhekene naMazulu.FC eMbombela Stadium ngo -3 ntambama
ISekhukhune United yona izokwamukela iRichards Bay ngo-6 ntambama eNew Peter Mokaba Stadium ngalo isonto
Amaqembu amane azobe edlala emiqhudelwaneni yeCaf kule mpelasonto ngakho ngeke adlale kwiCarling Cup
Azoze ayidlale ngolwesibili mhlaka+27 kuMfumfu lawa athathwa ngokuthi angamakhulu azodlala ngesikhathi esifanayo
I-Orlando Pirates .engompetha abavikela isicoco izokwamukela iMilford United FC .e-Orlando Amstel Arena .
IMamelodi.Sundowns yona izobhekana neMarumo Gallants eLoftus Versfeld Stadium kanti iChiefs izodlala neTS Galaxy eFNB Stadium
Imidlalo izophela ngolwesithathu mhlaka-28 kiMfumfu .lapho iDurban City izokwamukela khona iStellenbosch FC eChatsworth Stadium..ngo+7 ebusuku.
