October 21, 2026
images (1)

Umdlali weBafana Bafana uRelebohile Mofokeng usevumile ukuthi ubenesandla ekutheni basheshe baphume kwi-Africa Cup of Nation

IBafana Bafana ishaywe iCameroon ngo2-1 okwenze yawashiswa ijezi kulomqhudelwano oseMorroco

URele Mofokeng uqale umdlalo okokuqala kwi-Afcon futhi wathola elihle ithuba lokubeka iBafana Bafana phambili ngasekuqaleni komdlalo

” ngicabanga ukuthi lelithuba belingasivulela umdlalo ‘kuvuma URele ngemuva komdlalo.

“Ngiyalivuma elami leliphutha bekufanele ngilisebenzise kangcono leliyathuba” kuvuma yena.

URele wengeze ngokuthi iBafana yakhe amathuba anele okuthi ibinganqoba lowamdlalo

“Sakhe amathuba amaningi futhi bekufanele siwasebenzise ngendlela efanele”

Yize bezithole belandela ngemuva uthe iqembu alikaze liyeke ukuzethemba

“Asilahlekelwanga ukuzethemba ngoba besikholelwa ukuthi besisengaqhubeka phambili’ kuchaza yena.

Uvumile ukuthi iBafana iwulawulile umdlalo kodwa yahluleka ukusebenziaa amathuba ebe nawo.

“Besiwuphethe ezandleni zethu umdlalo besidinga nje ukusebenziaa amathuba ethu. esibe nawo’ kusho uMofokeng

Njengoba iBafana isiphumile manje isizogxila kwindebe yomhlaba ezoba ngojune e-us .Mexico.nase Canada.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *