Umqeqeshi weBafama Bafana UHugo Broos uzichithile izinsolo zokuthi iqembu lakhe liya ngokwehla ngemuva kokuphuma kwalo kwi-Africa Cup of Nation eseMorroco.
Iqembu lakhs likhishwe kulomqhudelwano ngesonto ebusuku kulandela ukuhlulwa kwalo ngo2-1 iCameroon.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uthe ukuhlulwa kweBafana Bafana ngenxa yokufulathelwa inhlanhla nokuhlulwa amathuba alula hayi ukwehlelwa izinga.
*kwesinye isikhathi udinga nenhlanhla’kusho UHugo Broos”namuhla inhlanhla ibingekho nhlobo kithi”
Ugcizelele ukuthi iqembu lakbe liyaqhubeka nokuthuthuka futhi lizoba ngcono.
“Asihlehli kwengeza yena kodwa kufanele sihlole lomqhudelwano ngaphambi kwendebe yomhlaba.
IBafana yabuya nendondo yethusi kwiAfcon eminyakeni emibili edlule kodwa izinto zihambe ngenye indlela kulokhu eMorroco.
UHugo usebenzise abadlali abawu+16 ababengekho emqhudalwaneni odlule futhi ukuqiniseka ukuthi ukubuyekezwa kuqala kulelisonto.
Wenqabile ukuphawula ngezinkinga zokuhlela okuhlanganisa nokuhlaliswa kude kakhulu nalapho iqembu beliziqeqesha khona.
“Sidings ukuhlola lokho okwenzekile ngaphambi kwemidlalo yethu yobungani kaMashi.”kusho yena.
UHugo wenze izinguquko ezine emdlalweni weCameroon okuhlanganisa nokuqala uSamukelo Kabini uMofokeng .ukabini noLyle Foster naye uMofokeng bahlulwe amathuba angoqekelele.
UBrops ukholwa ukuthi lezo zikhathi zibe nomthelela kumphumela”lamathuba okuqala abengashinstha yonke into kuchaza yena.
