October 22, 2026
images (2)

Amazulu F C aqhamuke kamuva ukumemezela umdlali omusha kwipsl njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali limaphakathi nesizini liya ngokushisa.

Leli qembu leBetway Premiership elizinze eThekwini selimemezele ukusayiniswa wasesiswini ovela eHarare uMason Mushore

Lomdlali oneminyaka engu-24 ubudala ujoyine Amazulu esuka eqenjini lase Zimbabwe elidlala esigabeni esiphrzulu iHighlanders fc

Umengameli wekilabhu uSandile Zungu useveze ukumethemba lomdlali wasesiswini oyisidlakela ukuth uzosheshe azakhele igama eqenjini

Uthe wethemba ukuthi uzobe engaconsi kubalandeli bamazulu maduze ngendlela efanayo njengozakwabo waseZimbabwe uThando Ngwenya.

“Siyamamukela uMason emndenini waMazulu futhi siyaqiniseka ukuthi uzokwengeza okuthile futhi azibonakalise eqenjini maphakathi nenkundla “kusho uZungu.

UMushore ungumdlali wasesiswini oyinjini osiza kakhulu ukuvikela owaziwa ngokulawula umdlalo.

Ngokwesitatimende seqembu kulindeleke ukuthi angeze ukujula okubalulekile kuleliqembu elilolongwa u-Arthur Zwane

“Ngibonga ukwamukelwa ngemfudumalo esengikutholile namuhla uZungu uqobo engemukela

“Ungitshele ukuthi uyakholelwa kimi futhi ufuna ngilwele iqembu:kusho UMushore

Amazulu azobuyela enkundleni ngojanuwari25 la ezobhekana khona ne T S Galaxy eMoses Mabhida Stadium

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *