I-Golden Arrows isimemezele ngokusemthethweni umqeqeshi wayo omusha ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
UPitso Dladla nguye ozololonga leki qembu laseThekwini .lomqeqeshi usanda kudedelwa iDurban City
Manje usengena esikhundleni esisale aingenamuntu ngemuva kokushiya kukaManqoba Mngqithi kuBafana besithende.
Lo mqeqeshi uthathwa njengomunye wabasafufusa abanekhono elihle kwezokuqeqesha.
Futhi kulindeleke ukuthi aqhubekisele phambili umsebenzi oqalwe nguManqoba ngesizini edlule.
IArrows ibingelinye lamaqembu adlala ibhola elihehayo nelihlaselayo ngesizini edlule.yingakho abaningi bemangele ngesikhathi iqembu lihlukana noMngqithi.
Imemezela ukufika kukaDladla iGolden Arrows ibhale umyalezo omfishane ezinkundleni zokuxhumana yathi.
“Sthende Nation samukela umqeqeshi omkhulu uPitso Dladla”
UDladla uzolekelelwa nguJames Madidilana .kanti onozinti bona bazocijwa nguJacob Mokhasi njengoba abafana besithende bezihlela kabusha.
