Ngokokuqala emlandweni iBafana Bafana idlulela esigabeni somkhumulajezi kwindebe yomhlaba yeFifA ngemuva kokuthela othulini iSouth Korea ngo1-0 ngolwesine ekuseni
Abafana baka Hugo Broos bakhombise ukukhula nokuzimisela.okusezingeni eliphezulu kakhulu ngesikhathi kudingeka belandela uhlelo lwabo lomdlalo ngokucophelela
Ngenkathi iNingizimu Afrika iqeda umsebenzi ngasohlangothini lwayo.iMexico yona iyilekelele kakhulu komunye umdlalo kaGroup A obudlalwa ngesiikhathi esifanayo.
IMexico ishaye iCzechia ngo 3-0 ukuze ivulele iBafana Bafana indlela eya esigabeni somkhiumulajezi
Isikhathi esingasoze salibaleka ngalo mdlalo sifike ngomzuzu ka-63
UThapelo Maseko uziqinise isikhundla njengeqwawe lesizwe eshaya igoli elibe wujuqu emva kokuthola ibhola elihle.
Igoli lakhe belanele ukuqinisekisa ukuthi INingizimu Afrika iyawathatha amaphuzu amathathu okuqala abalulekile kulo mqhudelwano
Ngalo mphumela ongeke uze ukhohlakale iBafana Bafana iqede endaweni yesibili kuGroup A ngemuva kweMexico
Iqhawe leBafana Bafana uMaseko kigadle kwabebebasola beqopha umlando
Iqwawe leBafana Bafana u-Thapelo Maseko seliphawulile ngemuva kokushaya igoli eliqophele iNingizimu Afrika umlando ngokuyifaka esigabeni somkhumulamajezi kwindebe yoMhlaba okokuqala ngqa.
Lo mdlali osheshayo ushaye igoli lokunqoba ngesikhathi.iBafana Bafana ihlula iSoith Korea ngo 1-0 yaqinisekisa indawo yayo esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano omkhulukazi emhlabeni.
Ekhuluma ngemuva komdlalo Umaseko uthe usakuthola kunzima ukukukholwa okwenzekile.
“Akukholakali kuzwakala sengathi ngiyaphupha “kusho uMaseko oqokwe njengomdlali ovelele .
“Kodwa ngincoma ozakwethu .abadlali basemuva banikele ngakho konke namiuhla .
“Lokhu kunqoba ngikunikela kubo bonke ebebesethemba .ngisho nalabo ababengakhollelwa kithi”
U-Thapelo Maseko uphinde wabhekisa amazwi kubanru abese beyibukela phansi ngemuva kokuhlulwa yiMexico emdlalweni wokuqala.
Bathi sinethuba elingu-7% kuphela lokuphuma esigabeni samaqoqo .kodwa buka namuhla sikuphi ?kusho lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala.
“Sibonga kakhuku ukwesekwa esikutholile kubanru baseNingizimu Afrika futhi sizoqhubeka nokulwa.”
Lo mdlalinuphimde wavuma ukuthi iqembu lidlule ezikhathini ezinzima ngemuva kokuhlulwa iMexico ngesikhatho igxekwa kakhulu futhi ngalo ezinkundleni zokixhumana.
“Sidlule esikhathini esinzima .ngemuva komdlali wokuqala abezindaba babesigxeka siphenduke ihlaya ezinkundleni zokuxhumana.
“Kpdwa oqembu likhombise amandla alo. Ubuqotho balo nokuthi bayakwazi ukulwa “kuqhiuba yena.
Umyalezo wakhe kubalandeli baseNingizimu Afrika ube mfishane kodwa unamandla “ngithi ngiyabonga ujabuleleni lomzuzu”
Ngemuva kokuqopha umlando IBafana Bafana manje isizobhekisa amehlo emdlalweni yomkhumalajezi nethemba lokuqhubeka nokimangaza umhlaba
