October 22, 2026
images (3)

IDurban City isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa kukaKhali Ben Youssef njengomqeqeshi wayo omusha ngaphambi kweaizini ka -2026/2027

Lo mqeqeshi waseTunisia onrminyaka engu-37 ubudala ujoyina leli qembu ngesikhathi liqala isigaba esisha kulandela impumelelo yalo bgesizini edlule.

UBen Youssed uneziqu zeCaf A licence futhi useke waqeqesha emazweni amaningi okubalwa kuwo iTunisia .iMorroco. ITanzania
ISaudi Arabia.ne-united Arab Emirates.

Wake wasebenza emaqenjini afana ne-As FAR Rabat.iYoung Africans..iClub African.ne.Al Ahli SC.

Muva nje ubeyingxenye yethimba labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs.lapho ethole khona ulwazi olunzulu ngeBetway Premiership.

IDurban Ciry izodlala kwiBetway Premiership.izindebe zakuleli.nakwiCaf Confedararion Cup ngesizini ezayo.

Usihlalo weDurban Ciry .uFarook Kadodia .uthe bakholwa ukuthi lo mqeqeshi unolwazi olunzulu noludingekayo ukuze aqhubekisele phambili umsebenzi owenziwe kuleminyaka edlule.

“UKhalli ungumqeqeshi onolwazi olunzulu kwezokuqeqesha nokuqonda ibhola lesimanje

“Sikholwa ukuthi uyena ofanele ukuhola isigaba esilandelayo sohamba lweCity “kusho uKadodia.
“Sesakhe isisekelo esiqinile eminyakeni emibili edlule futhi sifuna ukuqhubeka nokukhulisa iqembu ngaphakathi nangaphandle kwenkundla
“Siyaqiniseka ukuthi unabo ubuholi.ubuntu nefillosofi yebhola esiyidingayo”

UBen Youssef naye uzwakalise ukujabula kwakhe ngokuqokwa kwakhe.

“Ngihloniphekile ukujoyona oDurban City futhi ngibonga usihlalo.ibhodi labaqondisi nawo wonke umuntu eqenjini ngokungethemba “kusho yena.

“Leli yiqembu elinezifiso ezinkulu nombono ocacile ngekusasa.

“Ngilangazelele ukusebenza nabadlali nethimba labaqeqeshi njengoba silungiselela isizini entsha”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *