October 19, 2026
images (6)

ININGIZIMU Afrika ibuyise ithemba lokunqoba imidlalo ewuchungechunge ye T20 ishaya i -india ngama-run angu51.knew Chandigarh.ngolwesine.

AmaProteas abekudinga ukunqoba lomdlalo wesibili kulandela ukushaywa kabuhlungu kowokuqaka ngolwesibili.

Lokhu kunqoba kusho ukuthi sezibambene ngo1-1 kule midlalo emihlanu ewuchungechunge yeT20

I-india iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo-Bekunamazolo enkundleni ngakho abashwibi bebekuthola kunzima ukushwiba.

Kube ukudlala kahle kuka Quintom de kock.ophume esehlanganise ama-run angu-90 okwenze amaproteas azithola esendaweni enhle.

Ubelekelelana nokaputeni u -Aiden Makram(29) ongene sekuphume uReeza Hendricks.obeqale no De kock.

Abanye abadlale kahle kubhetha iNingizimu Afrika .uDavid Miller.(20*) no Donovan Ferreira(30*)
Iphendula i-india iqale kabi ilahlekelwa amawikhethi amathathu ngokushesha okuyicindezele kakhulu

Bekubhilite uMarco jansen.othathe amawikhethi amabili kwi+power play .walekelelwa uLungi Ngidi othathe yaba yinye.obuye wayengeza ngasekupheleni komdlalo ngamabili .
UTilak Varma (62) uzamile ukubambelela kodwa ubelokhu eshoda nabezobambisana nabo belokhu bephuma
Omunye umdlali obhethe kahle kwi-india ujitesh okhishwe ulutho Sipamla esehlanganise ama-run angu-27

UBartman obe umdlali wokusuku uthe”kumele ngihlale ngilungele ngoba abashwibi abaqala phambili yibona abahlola inkundla ukuthi imi kanjani’

I-india igcine ikwazi ukuhlanganisa ama-run angu -162 yapha yonke.yehluleka ukufika ku-214 ebiwubekelwe amaProteas.

Emdlalweni olandelayo lamaqembu azophinde atholane phezulu eHimachal Pradesh cricket Association Stadium ngesonto ngo-3!;30 ntambama

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *