Iningizimu Afrika ihuyise izinduku zishisa kwi -England iyishaya ngama angu- 125 emdlalweni owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba yabesifazane e -Assam Cricket Association Stafium.ngolwesithathu.
Iqembu lakuleli beliziphindisela kwi England elibabhaxabule ngamawikhethi ayishumi emdlalweni wokuqala Wenger yoMhlaba ka-2025
Ngaphandle kwalokho i-England bese ishaye iningizimu Afrika kweyandulela owamanqamu yendebe yoMhlaba kabili .ngo-2017 nango-2022
I+England iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulomdlalo obubhekwe ngabomvu emhlabeni wonke.
Iningizumi Aftika yenze kahle kakhulu ihlanhanisa ama-run angu+119 I yokuqala ngaphambi kokuthi kuphume uTamzin Brits esenze ama-run angu-45
Ukapiteni uLaura Wolvaard ubelolhu eyibambile yize abanye bebengena basheshe baphume.
U-Wolavaard ugcine enze ama-run angu-169 nokusize iningizimu Afrika ukuthi ihlanganise ama+run angu-319.
Lomdlali uyena osesihola phambili ngama-run kulendebe yoMhlaba ezosongwa ngesonto e +Indiia.
Ngasohlangothini lwe -England kushwibe kahle uSophie Ecclestone.ogcine ethathe amawikhethi amane.
Iphendula i -England ayiqalanga neze kahle uMarizanne Kapp ekhipha uJones noKnight benamadada bobabili
Ungenile no+Ayabonga Khaka wakhipha u Beamont naye engakashayi neyodwa i-run naye engakashayi neyodwa i-run.
Ukaputeni we-England uNat Sciver-Brunt uyibambe kahle no-Alice Capsey okhishwe uSune Luus esena-50
UbuyilebuKapp wathatha iwikhethi rbalulekile ka Siciver Brunt(64) kwacaca ukuthi iyacaca indlela yamaProteas .
UKapp ugcine ethathe amawikhethi amahlanu kulomdlalo nokumenza kube uyena umdlali osethathe amaningi emdlalweni yendebe yoMhlaba yekhilikithi.
I England ikhishwe yona seyenze ama-run angu-194! Nobekusho ukuya kwindebe yoMhlaba okokuqala ngqa.
Ukunqoba kwe south Africa kusho ukuthi izobhekana noyedwa phakathi kwe+Australia ne-India abazobhekana emdlalweni owandulela owamanqamu ngolwesine.
Kanti umdlalo wamanqamu ungesonto kanti Amaproteas azozama ukunqoba indebe okokuqala
