Umgadli weBafana Bafana .uLyle Forster.utbi ukuthola amaphuzu amathathu kubaluleke ukudlula indondo yakhe yokuba yiMan of the Match.
IBafana Bafana igcine ikwazile ukunqoba umdlalo wokuvula kwi-Afcon ngemuva kokuhluleka amahlandla ayisithupha phambilini.
Beyivamise ukuhluleka ukunqoba umdlalo wayo wokuqala obekwenza kube nzima ukuthi ibuyisele umkhankaso wayo wesigaba samaqoqo endleleni
Kodwa igoli lika Lyle Foster alishaye ngomzuzu ka-79 lisize IBafana Bafana ishaya i Angola ngo2-1 eMarakech eMorroco.
Lomphumela ubeke iNingizimu Afrika phezulu kugrouop B la ibambene khona ne- Egypt ebuye kade seyilandela ngemuva yashaya izimbabwe.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uLyle Foster uthe uyakwazisa ukunqoba kweqembu kunendondo yakhe ngayedwana
“Yindondo okuhle ukuyithola .kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi besidinga amaphuzu amathathu namuhla” kusho uFoster.
Uvumile ukuthi isiwombe sokuqala besinzima kakhulu kubo.kpdwa bakwazi ukudlubulundela kwesesibili.
Igoli lokuqala lishaywe u-Aswin Appollis .siqale kahle kodwa i-Angola yakhula nayo ngokuhamba kwesikhathi kuqhuba yena.
Uveze ukuthi babe nezingxoxo eziqotho ngesikhathi sekhefu bekhumbuzana ngokubaluleka kokunqoba lomdlalo.
“Bekufanele sizikhandle kakhulu ngesikhathi sesibuya ekhefini ukuqiniseka umohumela”kwengeza yena.
Isiwombe sesibili sikhombise iqembu elihlukile sithole igoli lokuwina.
IBafana Bafana isizibhekana ne-Egypt ngolwesihlanu okuwumdlalo okungathi uma uwunqqoba ibe sethubeni elihle kakhulu kokudlulela phambili
