Iqembu le Carling All Stars lizohlangana eGoli ngolwesine ngqphambi kokwenza amalungiselelo omdlalo wamanqamu weCarling Cup
Ieliqembu elinabadlali abaqokwe ngabalandeli bebhola kuleli.lizogadulisana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngomgqibelo.
Ngemuva kokuqoqana kwaleli qembu eGoli lizobe selilibangisa eThekwini ukuyoqala amalungiselelo alo mdlalo.
ICarling All Stars izobe iholwa ngumqeqeshi uManqoba Mngqithi weArrows kanti kulindeleke ukuthi okungenani lizilolonge kathathu
Umngqithi uphume isibili ekuvotelweni abalandeli wathola lelithuba lokuhola iqembu ngoba Abdeslam Ouaddou ephume phambili engeke akwazi.
UOuaddou uzobe esebentshini lezimnyama njengoba eyinqobise lendebe yeCarling Knokout.
Liboshelwe kanje eleCarling All Stars Brandon Petersen(Chiefs) keabeswe Khonyane(Siwelele) Sikhosonke langa Sekhukhune)Vincent Sithole(Sundowns) -Marcelo Alende(Sundowns) Thulani Mabaao Mfundo Vilakazi.Naledi Hlongwane (Chiefs kanye no Arthur Sales(Downs) Ndabayabathethwa Ndlondlo(Marumo )
