October 22, 2026
Relebohile Mofokeng, Orlando Pirates.jpg

Ushaye anagoli anathathu okokuqala nqga edgabeni esikhokhelayo uRele Mofokeng i-Orlando Pirates ibhubhudla TSGalaxy

IPirates imangazile ishaya leli qembu laseMpumalanga ngo6-0 emdlalweni weBetway Premiership ngesonto ntambama.

URele ushaye amathathu kulamagoli r-Orlando Pirates futhi waqokwa njengomdlali ovelele eMbombela Stadium

Amanye amagoli ashaywe oKamogele Sebelebele .Tsepepang Moremi .nelibd umkhonto ogwaze ekhaya likaMlungisi Mbunjana

Ekhukuma ngemuva komdlalo.uveze ukuthi lamagoli abe ngumohumela womsebenzi abawenza ejimini
Uthe bebegxile kakhulu ekuphuculeni ukukhahlela kwabo ipali .kulandela ukushweba kwabo amathuba amaningi emdlalweni odlule

IPirates beyibambene ngo1-1 nesiWelele FC emdlalweni la yaynganqoba ngembudlu yamagoli

“Ngizoqala ngokubonga ozakwethu .sisebenze kanxima.futhi lokhu kunqoba bekusifanele ‘ kusho lomdlali
“Besisebenze kanzima lonke lelisonto silungiselela lomdlalo .akubanga lula ukunqoba lo mdlalo kodwa sijabulela amaphuzu amathathu bese sibheka phambili”

Ephawula ngokushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa .uRele uthe wumuzwa okhethekile

“Lona ngumuzwa okhethekile kakhulu .sekukudala ngingawashayi amagoli ” kusho UMofokeng .
“Sekunesikhathi ngingaflali kanje futhi ngicabanga ukuthi lokhu kuzokwenza izibalo zami zibe zinhle kakhulu’

“Kuzonginyusela nokuzethemba futhi ngizoqhubeka nokuzikhandla ngeke ngiyekelele”

Ube eseveza ukuthi bashaya indathane yamagoli nje ngoba abafuni okubenze ngempelasonto edlule kubaphinde.”

‘ Besizilolonga kakhulu ekushayeni amagoli .sizama ukuxinika isibindi sokungtatazeli phambi kwepali.
” ngicabanga ujkuthi kubonakale ngomsebenzi owenzeke kulomdlalo njengoba sikwazile ukusebenzisa amathuba ethu:”

Ube esevala ngomyalezo obheke kubalandeli ebasale benokungabaza ngemuva komdlao odlule

“Kubalandeli bezimnyama lo mphumela ngowenu .weqembu kenu ” kusho uRele

“Sizohlala sikwenza konke okusemandlleni ukunijabulisa ngendlela enifanele

“Siziqhubeka nokisebenza ngokuzikhandla .nina ningayeki ukuseseka ngoba lokho kusho lukhulu kithi”

Lomphumela ubuyisele ezmnyama esicongweni seligi kodwa iphambili ngephuzu elilodwa kwiMamelodi Sundowna esenomdlao esandleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *