Kumjabukise okwenzeke eqenjini lakhe ngesikhathi ithela othulini IMagesi FC ngo2-0
emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo .omunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs .uCedric Kaze.
Amakhosi afike kulomdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini .ehlose ukuphinde aqoqe amaphuzu amathathu kulandela ukunqoba iDurban City ngo1-0 ngempalasonto edlule.
Igoli lokuqala lishaywe nguWandile Duba ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.igoli lesbili lavalelwa phakathi nguMfundo Vilakazi obesuka ebhentshini .sekusele imizuzu eyisithupha kuphele umdlalo.
“Sijabule ngamaphuzu amathathu.nangokuthi sishaye amagoli amabili sangangenelwa magoli.kuningi okuhle esikubonile” usho kanje uKaze ocija iqembu ngokubambisana noKhali Ben Youssef.
‘ ngithanda ukubonga abalandeli baseThekwini abahlezi bephuma ngobuningi bezosinika umfutho omuhle.
“Besingawulawula kangcono umdlalo esiwombeni sokuqala .siphinde sihlohle amagoli.amathuba siwakhile kodwa besixhamazela uma kufanele sishaye iphasi yokugcina noma sikhahlelele ipali.
“Ngiyajabula kodwa ngoba asizange sitatazele ngesikhathi sihamba phambili ngegoli elilodwa.siqhubeke nokuhleleka kahle.Angikholwa ukuthi izitha zibe namathuba amaningi.siwathole kufanele amaphuzu amathathu”
Ngalo mphumela Amakhosi akhuphuke ayohlala endaweni yesine .kwilog ngamaphuzi angu-36 emdlalweeni ewu-20
Asele ngephuzu kuMazulu FC esendawini yesithathu ngamaphuzu angu- 37 emdlalweni engu-22
Usithu nalo luhuye namaphuzu agcwele ngoMgqibelo luqumba phandi iPolokwane City ngo1-0 e -Old Peter Mokaba Stadium .ePolokwane.
