Anathema aselele ukuthi uma i-iNigeria ingashaya iBenin emdlalweni wayo wokugcina wokuhlungela indebe yomhlaba ka2026 kungaba iwelise iBafana Bafana.
ithuba lokuthi manje iphumelele iBafana Bafana akusancikile kuyona kuphela Kodwa sekuncike nakwimiphumela yeminye imidlalo.
Iqembu likaHugo Broos lisendaweni yesibili kuGroup B ngamaphuzu angu15 .lisele ngamabili kwiBenin ngaphambi kwemidlalo yokugcina.
Kuzomela ishaye amagoli amaningi bese iba nethemba ukuthi iNigeria neBenin bazodlala mgokulingana noma kunqobe iSuper Eagles.
uma kunqobe iBenin kulomdlalo kobe sekuphelile kwiBafana Bafana ngoba kobe sekulele ekutheni babe yiqembu elisebenze kangcono kumaqembu alele endaweni yesibili kumaqoqo abo.
Inkinga enkulu inkukhu nempaka IBafana Bafana neNigeria kodwa manje badinga ufefe lwabo.
Umqansa lo udalwe ukuthi emdlalweni weBafana Bafana Nezimbabwe ihlulekile iBafana Bafana ukunqoba eThekwini ngolwesihlanu.
lemidalo yokugcina izodlalwa ngezikhathi ezifanayo ngehora lesithupha ebusuku.
INigeria izobe idlalela ekhaya idlala neBenin.kanti iBafana Bafana izokwamukela iRwanda.kanti iLeaotho izobhekana nezimbabwe ePolokwane.
