Emva kokushiya isigubhukane komqeqeshi uMiddendorp usihlalo weDurban City uFarook Kadodia.ukuqinisekile ukuhamba kwakhe. U-Ernst Middendorp ujoyine leliqembu ekuqaleni kwesizini Emva kokushiya kwakhe kwi Capetown Spurs kuvele ukuthi bekuyinkontileka yesikhashana.
umsebenzi wakhe bekuwukusiza leliqembu elingamakoti kwibetway Premiership ukuba lizinze.
ukushesha sifike isikhathi sakhe sokuhamba kuvele ukuthi bebengahoshelani nomqeqeshi uGavin Hunt.
Bekushayisana imibono ngenkundla okujimela kuyo iqembu.
Umiddendorp ubelitholele indawo esikoleni esithile eThekwini kodwa kuyizinkundla zebhola lombhoxo kanti uHunt ubefuna eyebhola.
Kodwa ke uakadodia ukuphikile lokho wathi amampunge ukuthi bebengahoshelani labaqeqeshi.
Wathi ubenenkontileka yezinyanga ezintathu ababemfunela khona ukufezile kuphawula ukadodia kwi-Diski Times.
uthe uma ebuzwa ukuthi ukhona yini abambhekayo ukuvala isikhala sika Mideendorp wathi asikho isidingo njengamanje.
Indlela eqale ngayo iDuban City iyathembisa njengoba iqoqe amaphuzu awu-15 emdlalweni eyisishagalolunye.
