Yize evule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongwenii kunento eshiye umqeqeshi we-Orlando Pirates engajubule neze.
IPirates inqobe ngo3-0 ihlula iMarumo Gallants ngomgqibelo ntambama emdlalweni weBetway Premiership .
Ngalomphumela ezimnyama ziqophe irekhodi elisha lePSL lokunqoba imidlalo yasekhaya engu+11 ilandelana
Kodwa noma kunjalo u-Ouaddou ubonakale engeneme ukwehluleka kweqembu lakhe ukibhubhisa iGallants.
Nakhu angakuthandanga
Ngokwezibalo zomdlalo .bekuwusuku oluhle kakhulu kwezimnyama
Nokho ukuphawula komqeqeshi ngemuva komdlalo kuveze ukuthi ubewubuka ngeso elihlukile kunabalandeli lo mdlalo.
“Asikho lapha ukuzodlala isekisi .silapha ukizolwa kusho u -Ouaddou kwabezindaba ngemuva komdlalo
” uma abanye abadlali bengafuni ukunqoba isicoco kumele baphakamise izandla basho njalo.
” mima angifuni ukuchitha isikhathi nabantu abafuna ukwenza amahlaya enkumdleni ” ;
Inkulumo ka -Ouaddou “yobuthuntu” ibimayelana nokishweba amathuba alula
Ukuba asetshenzisiwe lawomathuba ezikagebhula bezingaphinde ziyibukise nezwe ngokuyishaya ngo8-1 iGallants njengoba yenza ngoDisemba2024.
© u -Evidence Makgopa ubhamuze ibhola esethubeni elihle eduze nepali laphuma le kude
° uPatrick Maswangayi naphezu kokishaya igoli lesibili .ubebuye alibale ukujika ngokweqile esebhokisini ngesikhathi kudingeka akhahlelele ipali.
® u -Oswin Appollis ubedlala kahle kodwa ubebuye akhethe ukuzama ukushaya izitayela kungenasidingo
® uSipho Mbule ungene wadlalela abalandeli apholise umdlalo ngesikbathi ebekumele ngabe bayahlasela ngaso.
Lesi sibhaxu samazwi sikamqeqeshi cishe besifanele kwazise iPirates ixinwe kabi i Sundowns enamava ekudleni isicoco seligi.
Ngolwesithathu ebusuku i -Orlando Pirates izobhekana neMamelodi Sundowns eFNB Stadium .
Abaningi babona lomdlalo “uzocacisa ngesicoco” njengoba umphumela walomdlalo ungase ube nomthelela ezifisweni zezicoco kulamaqembu womabili.
U-Ouaddou uyazi ukuthi nakuba u 3-0 wanele ukishaya iMarumo Gallants edonsa kanzima .ukudlala ngamathuba kwiSundowns kungaletha ubuhlungiu benhliziyo .
Okubalulekile nomthelela ozoba khona ngemuba kwalomdlalo wangolwesithathu .
® uma kunqoba iPirates izovula igebe libe ngamaphuzi ayosshagalolunye yize iSundowns izobe isanomdlalo ewugodlile
® ukunqoba kweSundowns izovala izovala igebe libe ngamaphuzu amathathu futhi lokhu kuzofaka ingcindezi enkulu kwiPirates.
Ngenxa yalokhu kungenzeka ukuthi u+Ouaddou ubedlala imidlalo yenqgondo neqembu lakbe efuna ukubafaka umfutho ngaphambi kwalomdlalo
Ngokwenqaba ukujabulela ukunqoba ngo3-0 ufuna abadlali bakhe baqinise kakhulu ukuze bagcine bekwazile ukuketula iSundowns
Ngolwesithathu .sizobona ukuthi abadlali bawuthathile yini lo muthi kamqeqeshi noma isifo sokushweba amathuba sisazoqhubeka
