UCedric Kaze uvele wakhuluma iqiniso wavuma ukudidwa yizinto ngenduku etholwe yiKaizer Chiefs .
IChiefs ihlulwe kabuhlungu iSiwelele FC ngo 2+0 eToyota Stadium eBloemfontein ngolwesithathu ebusuku .
Lomphumela unqamule umgqigqo wokungahlulwa wemidlalo eyisikhombisa okwenze yaqinisa amathuba ayo okuqeda endaweni yesithathu.
Umonakalo usheshe wenzeka ngesikhathi uTebego Potsane owayengumdlali wamakhosi noSphesihle Jeza beshaya amagoli.ngesiwombe sokuqala.
Futhi.ekhuluma ngemuva komdlalo.uKaze akazange elokhu ecasha ngesithupha
“Besingekho nhlobo ngesiwombe sokuqala .konke nje akuhambanga kahle. .ukwakha .ukuhlasela .ukuzivikela uma ungekho.uyajeziswa ” kuvuma umqrqeshi .
Lokhu kuhlulwa kwenzeke ezinsukwini ezintathu ngemuva komdlalo onzima wedabhi ababambane kuwo ne -Orlando Pirates.
UKaze ukholwa ukuthi kungenzeka ukuthi lomdlalo ukhathaze abadlali bakhe abaningi kunalokho abekucabanga
“Singene emdlalweni sekwephuze kakhulu lokhu kuyinto okufanele siyigweme ”
IChiefs ibukeka ingcono ngemuva kwekhefu kodwa yehluleka ukisebenzisa amathuba ayo okuyinto engamchazanga uCedric Kaze
Losomaqhinga waseBurundi uphinde wabuza ukuthi ngabe bekufanele ashintshe iqembu kakhulu .
Benze izinguquko ezintathu kuphela eqenjini ebeliqalile umdlalo wedabhi.
“Ngemuva komdlalo .wazibuza ukuthi ngabe ubudinga imilenze emisha nezingqondo ezintsha lokho kuwumthwalo womqeqeshi” kuvuma yena.
Njengoba sekusele imidlalo emine keiBetway Premiership iChiefs kumele isheshe ivuke izothathe .
Inesonto elilodwa ukulungiselela omunye umdlalo onzima la izobhekana khona neMamelodi Sundowns .
Lomdlalo ulindelwe ngabomvu ngolwesithathu kuMayi 6 eLoftus Stadium .ePotoli
