Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usememezele iqembu lakhe lokugcina labadlali abangu-23 elizobhekana neZambia emdlalweni wobungani
Lomdlalo uzoba seNelson Mandela Stadium eGqeberha ngoNovemba 15 kanri uzoqala ngo-6 ebusuku.
IBafana Bafana isidlale imidlalo engu-24 ingahlulwa enkundleni.
Echaza ngeqembu aliqokile Broos uthe ufuna ukuhlola abadlali abasha ngaphambi kwe-Africa Cup of Nation ezoba seMorroco ngoDisemba.
Kodwa kubadlali abasalile nokubuzwe ngabo nguLorch esefomini enhle eMorroco.
UBroos akazange elokhu egwegwesa uma ebuzwa ngalomdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates.
Ulorch wake waba nathi.cishe eminyakeni emibili edlule ngesikhathi sidlala neMorroco kusho uBroos.
” wayeqhuba kahle kwiPirates ngalesosikhathi kodwa kithi akazange enze kahle ngendlela esasiyibhekile.
Ngemuva kwalokho waphuma eqenjini lePirates.wabe eseya kwiSundowns ngoba uRulani wayemfuna- kodwa nakhona akaze adlale kakhulu.
Manje wenza kahle eMorroco kodwa eminyakeni anayo manje.akalona ikusasa.ngiyaxolisa kodwa iqiniso
Lomqeqeshi ugcizelele ukuthi ugxile ekwakheni iqembu labadlali abasebancane.elizoba ngelesikhathi eside elingaqhudelana emiqhudelwaneni emikhulu ezayo.
Phakathi kwabadlali abasha kuleliqembu kukhona uMasindi Nemtajela we -Orlando Pirates owenza kahle ngaphansi kuka Ouaddou uKeletso Makgalwa weSekhukhune United
