Umgadli we -Orlando Pirates uYanele Mbuthuma.usheshe wavuka wazithintitha ngendlela encomekayo ngemuva kokugeja iphenathi okwakhipha leliqembu kwi Caf Champanions League.
Eshaya iphenathi yakhe sekusesigabeni esibizwa nge-sudden death bebhekene ne St Eloi Lupopo.uYanele Mbuthuma waba neshwa yaphuma eceleni yize ayedide unozinti.
Waphatheka kabi ngemuva kwalokho kodwa ozakwabo nabaqeqeshi basheshe bagijimela kuye bayomduduza.
Nabalandeli base+Orlando Stadium babiza igama lakhe.bambungaza.ubonakele ewutholile umyalezo wabo njengoba evuke wazithatha
Lomgadli oneminyaka engu-23 ubudala osayimwe esuka kwi Richards Bay.ubeyiqhawe lePirates ngolwesithathu ebusuku washaya amagoli amabili behlula iGolden Arrows ngo-3 -1
Uzakwabo kusukela base Richards Bay manje asebobonke kwiPirates. UNkosinathi Ndaba uthi ujabule ngaye ngokuvumeli isimo sokigeja iphenathi siqede ukuzethemba kwakhe. Ukhombise ukuqina ngokomqondo. Emva kokugeja iphenathi uvuke wazithatha
Umbithuma usuke ebhentshini ethatha indawo ka-Evidence Mokgopa washaya amagoli amabili.
UNdaba uthi vele lokhu yinto enhle ukuthi abadlali abaphuma ebhentshini babe nomtnelela
Ipirates izothemba ukuthi uMbuthuma uzophinde abe nomthelela ofanayo uma esehlangana neqembu lakhe lakudala iRichards Bay.
Lamaqembu womabili azohlangana emdlalwwni owandulela owamanqamu we Carling Knockout eMoses Mabhida Stadium ngomgqibelo ngo3.30ntambama.
