Umqeqeshi weKaizer Chiefs.uKhalil Ben Youssef usephakamise ukuthi i -Orlando Pirates ithole impatho ekhethekile ngesizini edlule.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iPirates idlala kwiCaf Champanions leugue okuyinike isikhathi esanele sokululama phakathi kwemidlalo
Kodwa ngokusho kuka Youssef kodwa into efanayo ayizange yenziwe kwiChiefs njengoba idlala kwiCaf Confedaration Cup.
Uthi Amakhosi manje aseyazwela ngenxa yokuthothana kwemidlalo njengoba idlala kwiCaf Confedaration Cup neBetway Premiwrship
UBen Youssef uveze ukuthi ngesizini edlule imidlalo yePirates yasekhaya yahlehliselwa kuMay ukuze ikwazi ukudlala kahle kwiChampanions leugue.
Kodwa iKaizer Chiefs yona iphoqelekile ukuthi idlale imidlalo yeligi neyezwekazi ngaphandle ngaphandle kwesikhathi esanele sokululama
Sekuphele amasonto amabili singakwazi ukuziqeqesha ngendlela efanele_” kusho uYoussef ngemuva kokunqoba kwi i-Al Masry
Yize lomqeqeshi engazange aygagule iPirates ngegama kodwa kubonakalile ukuthi ubeqonde yona kwinkulumo yakhe.
“Siyadlala.sihambe sizame ukwelulama.bese kuba wusuku lwangaphambi komdlalo
Kube wusuku lomdlalo.lokhu kubeka abadlalo engcupheni enkulu”
Uxwayise ngokuthi umsebenzi unzima usuvele ube nzima kakhulu. Ebalula ukulimala nokumiswa kwabadlali njalo.
“Akuzona izaba lezi iqiniso “kwengeza yena “uma umele iNingizimu Afrika kwiCaf. Iqembu kufanele livikelwe.
“Ngesizini edlule imidlalo ihlelwa kabusha kwenzelwa abanye-kungani kungenjalo manje?
UYoussef,ugcizelele ukuthi iChiefs ayizilweli yona kodwa imele izwe kulomqhudelwank wezwekazi.
Futhi ukholwa ukuthi abahleli bemidlalo kumele bakhombise iqiniso uma amakilabhu ase Ningizumu Afrika edlala kweye Caf.
IKaizer Chiefs kumanje ilungiselela umdlalo ozonquma ngekusasa layo kwiConfed Cup la izobhekana khona neZamalek eCairo ngempalasonto.
