IMamelodi Sundowns seyimise umsebenzi wayo osekunesikhathi eside eseqenjini .uMario Masha. oyi-performance analyst.ngezinsolo zokuputshuza ulwazi lweqembu oluyimfihlo.
UMasha sekuneskhathi eside kakhulu esebenza njengoba efike ngo-Agasti ka 2015
Ungumuntu onamava kakhulu njengoba enesitifiketi i- UEFA A licence kanti uke wasebenza kwi New York Red Bulls(edlala kwi Mls ) kusukela ngo2009 kuya ku2011
Lombiko uthi uphenyo ligxile ekuputshuzweni kolwazi lwezokuqeqesha amacebo okudlala.namarekhodi olwazi ngabadlali.
Lelihlazo livele ngesikhathi esibi njengoba iSundowns izobhekana neqembu lalowo obengumqeqeshi walo uRulani Mokwena ngoMgqibelo.
Izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi usethole usizo lwangaphakathi
IZinsolo zikaCardoso
Ekhuluma eselumbashi kulandela ukudlala ngokulingana ngo1-1 neseSt Eloi Lupopo uCardoso obebonakala ekhathazekile nguye oqale ukukhala ngobulungiswa.
“Ngethemba ukuthi konke kuzoba nobulungiswa ukuze sibe nomdlalo ukuze sibe nomdlalo olungile ngasohlangothini lwethu.”
“Ngethemba ukuthi imbangi yethu elandelayo ngeke iqagele noma ibe nolwazi lokuthi sizodlala kanjani”kusho uCardoso.
Amazwi kaCardoso aphakamise ukuthi ithimba labaqeqeshi linomuzwa wokuthi kukhona ulwazi oluputshukile.
Ebholeni lezinyawo lesimanje ukuthola ulwazi lweqembu-lapho kunamarekhodi okulimala kwabadlali.uhlaka lokudlala-kuyefana nokuthola ukhiye wesisefo semali.
Lezinsolo sezenze lanyuka kakhulu lalo mdlalo wangomgqibelo ngo3 ntambama eloftus Stadium.
• Sundowns v Mc Alger.ozonqoba kulomdlalo uzodlulela esigabeni somkhumulajezi uma uphela zibambene kuzodlula i Mc Alger.
• umthelela wempimpi ingabe uMokwena usenolwazi olusha ngeSundowns?
• Ukuntshontshwa kolwazi .ingabe kwenzeke ngempela noma amacebo okucasula uMokwena ngaphambi komdlalo?
Uma iMamelodi Sundowns iphuma kwiChampamions leugue ezandleni zomqeqeshi wayo wangaphambilini .lezinsolo zizoba undabuzekwayo
