October 20, 2026
Ezishisayo!IDurban City isikhombe indlela umqeqeshi

IDurban City FC isiphinde yahlukana isigubhukane nomqeqeshi wayo owesibili kulesizini .

Sekuvele ukuthi leliqembu selinqume ukuhlukana nomqeqeshi uSinethemba Badela.

Uxoshwa nje bekusaphele amasonto ambalwa kade eqashiwe .ukuzovala isikhala sika Gavin Hunt.

UBadela wethulwe njengomqeqeshi ngoDisemba26 .kanti usekhululwe ngemuva kwemidlalo emithathu nje kuphela ephethe.

Isikhathi sakhe esifushane sikhiqize imiphumela exubile .unqobe ngo1- 0 kwiPolokwane City .wahlulwa iChippa United.ngo2- 0 kweye Betway Premiership.

Uphinde wanqoba oweNedbank Cup .ehlula yona belu iChippa United sekukhahlelwa amaphenathi ngempalasonto.

Manje .ifarpost ibika ukuthi abaphathi bekilabhu bayalibona futhi bayalivuma impela ikhono likaBadela.

Kodwa bakhala ngokuthi indlela yakhe yokudlala izothatha isikhathi eside ukujwayeleka kubadlali kantti bona bajahe imiphumela ikakhulukazi njengoba sekubhekwe ekupheleni kwesizini.

Kuvele ukuthi ngabadlali abakhale ngoguquko afike nalo ukuthi akuzukubalula ukulubamba ngokushesha.

Ngaphambilini uBadela kwayena washo ukuthi indlela yakhe yokwenza izothatha isikhathi ukugxila kubadlali.

“Sethule isitayela sokudlala esihlukile kancane esingase sithathe isikhathi”kusho yena ngemuva kokuqokwa kwakhe.

Obeyiphini lakhe uPitso Dladla nguye ozothatha izintambo okwesikhashana kanti iqembu lizocubungula ngomqeqeshi walo olandelayo.

Njengamanje iDurban City ihlezi endaweni yesithupha kwilog njengoba inamaphuzu angu-25 kanti isekhona nakwiNedbank Cup.

Ukuhamba kukaBadela kuphawula ukuxoshwa kwakhe okwesibili kulesizini.kulandela ukuxoshwa kwakhe iChippa

Nakulo leliqembu laseMpumalanga kapa uhlale isikhashana njengoba axoshwa ngemuva kwemidlalo emibili ekuqaleni kwalesizini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *