October 22, 2026
images (1)

Kuqopheke umlando amaqembu amathathu akwaZulu Natal eqeda isizini ekutop 8 okokuqala emva kwamasizini angu 29 kwasungulwa iPremier Soccer league(PSL)

Amazulu FC asonge isizini ngenothi eliphezulu.eqinisa indawo yawo yesine kwilog yeBetway Premiership.ngokuguqisa iDurban City ngegoli elilodwa eqandeni Amazulu1Durban City 0 emdlalweni obuseThekwini eChatsworth Stadium ngiMgqibelo

Igoli Amazulu anqobe ngalo.livalelwe phakathi uNkosinathi Radebe ngesiwombe sesibili.ngimzuzu ka -82

Amazulu abevele engene enkundleni edinga amaphuzu amathathu ukuze aqinise indawo yawo yesine kwilog kanti Icity ibidinga iphuzu kulomdlalo ukuwinisekisa ukuqeda jwitop8

Empeleni iCity iyona ebisilelwa ukuba iqembu lesithathu lakwaZulu Natal kwitop 8 njrngoba Amazulu nealamontville Golden Arrows bese bevele bezibekele indawo.

I-Arrows idlale ngokulingana bgo0-0 ne TS Galaxy eking Zwelithini Stadium eMlazi ngawo uMgqibelo .

Yize iCitizen ihlulekile ukuthola iphuzu kulo mdlalo wabakhaya noSuthu kodwa igcine ikwazile ukuzibekela indawo kwiTop 8 ngenxa yokulahla amaphuzu kweSellenbosch fc neSiwelele fc okuyiwona maqembu ebibanga nawo indawo yesishagolombili kwiTop8

IStellenbosch fc ibambane ngo0-0 neMarumo Gallants kwathi iSiwelele fc yabambana ngo 2-2 neSikhukhune United..

Ukuqeda kweCitizen kwiTop8 kusho ukusonga isizini yayo yokuqala kwiPremiership ngempumelelo kwazise isanda kuba ngompetha beNedbank Cup okuyinike ithuba lokuyodlala emqhudelwaneni weCaf Confedaration Cup ngesizini ezayo.

Leliqembu laseThekwini belidlala isizini yokuqala kwiPremiership kulandela ukukhushulelwa kwalo kulesigaba ngokunqoba isicoco seMotsepe foundation Champanionship ngedlule.

Kungokokuqala kusukela ngesizini ka1996/1997 okuyisizini okwasungulwa ngayo iPSL +ukuthi IkZN ibe namaqembu amathathu aqeda kwiTop 8 lokhu kukhomba ukuth lesifundazwe sizomelwa amaqembu amathathu okokuqala emqhudelwaneni we-MTN Top8 ngesisini ezayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *