October 22, 2026
images (2)

Umqeqeshi weSiwelele FC u-Lehlonoholo Seema usexwayise uBohlale Ngwato ngokuthi impilo izoshintsha kakhulu manje njengoba esejoyone i-Orlando Pirates.

Lo mdlalo oneminyaka engu-19 ubudala ungomunye wabadlali abane abamenyezelwe yiPirates muva nje.

Imsayinise ehambisana noGamphani Lungu ebebegqame naye kwiSiwelele FCngesizini edlule .

Yize iuSeema ekholelwa kwithalente likaNgwato uthi kusenomsebenzi omkhulu okifanele awenze ukuze afinyelele ezingeni eliphezulu.

“Ungumfana onrkhono elikhulu”kusho uSeema onconywa ngokunika lpmfanyana ithuba ubekhuluma nabeSoccer Laduma .

“Bengingathanda ukuthi aqhubeke nathi isikhathi eside ngoba kusekuningi okufanele akufunde ukuze aqine”

Lo mqeqeshi uveze ukuthi uNgwati umgumdlali odinga ukwesekwa ukunakeelwa nokwelulekwa njalo.

“Ungomunye wabafana okumele bakhonjiswe uthando futhi kukhulunywe nabo

“Mayelana nengcindesi angazi ukuthi uzobhekana kanjani nayo ngoba kusekuningi okufanele athuthuke kukho ”

Nokho uLehlonolo Seema uchaze lo mdlali omusha we-orlando Pirates njengomfana oziphethe kahle futhi othanda ukufunda

“Uyafuna ukufunda futhi uyalalela Lokho kuyinto enhle kakhulu ngaye “kuqhuba uSeema.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *