IMarumo Gallants isimemezele ngokusemthethweni umqeqeshiwayo omusha ozoyihola ngesizini ezayo.
Iqininesekise ukuthi UPhuti Mohafe nguye ozocija leli qembu laseFree State ngesizini ka-2026/2027 yeBetway Premiership .
UMohafe ujoyina leli qembu esuka kwiPolokwane City .lapho ebengumqeqeshi futhi edlale indima enkulu ekujikeni izinto.
Estatimendeni sayo. .i-iMarumo Gallants.iveze ukuthi ikholwa ukuthi uMohafe nguyena umuntu ofanele ukuhola iqembu esigabeni esisha.
“UMohafe ujoyina iMarumo Gallants esuka kwiPolokwane ciry FC ” kusho isitarimende
“Ubengumqeqeshi omkhulu futhi wabamba iqhaza elikhulu entuthukweni yeqembu nasekudlaleni kwalo nokuncintisana kwiPremier Soccer League_”
IGallants iphinde yancoma ulwazi namava kaMohafe ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Uhlonishwa kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika kuqhuba isitatimende.
“Ufike nolwazi olunzulu lokuqeqesha .ubuholo obuqinile nokuqonda okujulile ngesimo sebhola lakuleli”
Iqembu lithi ukuqokwa kwakhe kuphawula ukuqala kweaahluko esisha njengoba liqhubeka nokukhulisa izifiso zalo.
“Iqembu liikholwa ukuthi ukuqokwa kukaMohafe kuphawula ukuqala kwesahluko esijabulisayo kwiMarumo Gallants njengoba iqhubeka nokukhulisa izifiso zayo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla”
Iqembu lithi lizosebenziaana naye ukuze umsebenzi wakhe I awenze kahle njengoba kuqhubeka amalungiselelo esizini entsha.
Esiphwthweni sesitatimende i-Marumo Gallants yamukele uMohafe ngokusemthethweni .
“Iqembu lifisa ukwamukela uPhuti Mohafe emndenini weMarumo Gallants futhi limfisela impumelelo enkulu esikhundleni sakhe esisha”
UMohafe manje uzobhekana nomsebenzi wokuhola iGallants emkhankaswenk omusha.njengoba iqembu lifuna ukuba ngelinye lancintisana kakhulu kwiBetway Premiership
