Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos .useqinisekisile ukuthi uzowushiya umsebenzi wokuqeqesha iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika ngemuva kweminyaka emihlanu egcwele impumelelo.
Lo mqeqeshi waseBelgium oneminyaka engu-74 uveze lesinqumo engxoxweni abe nayo nephephandaba laseBelgium. IVoetbalnieuws .lapho ethe isilkhathi sakhe neBafana Bafana sesiphelile.
UBroos uahiya iBafana njengomqeqeshi osehlale isikhathi eside kunabo bonke emlandweni weqembu.
Waqashwa ngoJuni ka-2021 waqala umsebenzi wokwakha iqembu elaqhubeka laba ngelinye lamaqembu aqinile e-Afrika.
Impumelelo yakhe enkulu kube ukuhola iBafana Bafana yafinyelela emzuliswaneni womkhumulqjezi kwindebe yomhlaba okokuqala emlandweni webhola laseNingizimu Afrika
Ngaphandle kwalokho uHugo Broos uhole iBafana Bafana ukuthi ifinyelele kabili kulandelana kwi-Africa Cup of Nations
Yaphinde yanqoba indondo yethusi emqhudelwaneni ka-2023 owawubanjelwe e-Ivory Coast.
Ungqongqoshe wezemidlalo uGaydon Mckenzie useke waveza ukuthi ufuna uPitso Mosimane kube nguyena ozothatha izintambo kuHugo Broos kwiBafana Bafana
