October 20, 2026
images (1)

Umdlali wasemuva kwesokunxele kwi -Orlando Pirates uDeon Hotto uveze ukuthi akadingi nokuthi alibize ibhola uma liphethwe uRelobohile Mofokeng .

Uthi njengoba sebedlale amasizini amathathu ndawonye sebeyazana kahle futhi uma omunye ophethe ibhola omunye uyazi ukuthi kumele alicuthele kuphi.

uHotto usho lokhu ekhuluma ngemuva komdlalo wabo weBetway Premiership lapho bebhaxule khona iChippa United ngamagoli amabili eqandeni [2-0] ngolwesibili ebusuku.

iChippa ibiza ngamandla amakhulu bekubukeka ingamangaza ngokuthi iphume noma nephuzu elilodwa kulomdlalo obukwesikamamzinela e Orlando Stadium.

Kodwa sekusele imizuzu ewu 15 umdlalo uphele uRele uze nephasi enzima eyinika uHotto yashiya izitobha zeChippa zibakaza wayiphasela u Evidence ovele walinamithisela phakathi kwaba u -1 -0

iPirates ishaye elesibili ngomzuzu wokugcina u -Oswin Appollis  eshaya elihle ibhola elishiye unozinti weChippa enkemile.uDumisani Msibi

uDeon Hotto uqokwe njengomdlali ovelele kulomdlalo.ekhuluma ngemuva kwalomdlalo uveze ubudlelwane anabo noMofokeng.

Bekuwumdlalo onzima iChippa isemsileni futhi besazi ukuthi izosithwalisa kanzima uma ulaphaya kumele uhlelze ulwa, kusho uHotto,

Ube esebuzwa ngomnyakazo wakhe noMofokeng oholele egolini lokuqala okuwumnyakazo oluhlakaze kalula udonga lwe Chippa

; ukuhlangana kwami noRele yinto esuka kude isineminyaka emithathu manje` kuqhuba uHotto.

Uma ephethe ibhola uyazi ukuthi uzongithola kuphi angidingi ukuba ngize ngimemeze  uyazi ngilifuna kuphi

Ngalokhu kunqoba ezimnyama ziyalingana neSundowns esesicongweni ngenxa yomehluko wamagoli.

Emdlalweni olandelayo ezimnyama zizobhekana neDurba City ekuhambeni Ethekwini ngomgqibelo ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *