Usale ebalisa ngokuhleleka kwemidlalo-okuyinto ayaze kuqala iisizini -umqeqeshi weMamelodi Sundowns ehlulwa yiTS Galaxy ngo 3-2
IGalaxy iphazamise kakhulu izinhloso zeSundowns zokugcina isicoco seligi ihlandla lesishagololunye kulandelana
Lo mphumela ubeke i -Orlando Pirates ethubeni elihle lokuthi inqamule lokhu kucanasa kweMamelodi Sundowns ngokuthi sithathwe yiyo lesicoco.
Uma ezimyama zinqoba kwiDurban City ngomgqibelo zizobe sezingompetha
Umqeqeshi WeSundowns uMiguel Cardoso ukhale ngokuthi ukuhlelwa kwemidlalo okubagqilazile
“Sihlulwe ikhalende”kusho umqeqeshi ngemuva kwalomdlalo obuseMbombela Stadium Empumalanga
Nokho iGalaxy nayo kumele kuvele ukuthi ikusebenzele lokhu kunqoba njengoba ingayikhombisanga ukuyisaba iSundowns zisuka nje.
Kuleli qembu elilolongwa uBernard Parker elihambe phambili ngo2-0 kungakapheli imizuzu ewu20
Kube amagoli oVictor Letsalo okube yiphenathi nelika Sedwyn George.
Kodwa kuyiwe ekhefini iMamelodi Sundowns seyilinganisile ngamagoli kaBryan Leon.
Nokho kubuye kwabheda ekuqaleni kwesiwombe sesibili iGalaxy ibuyela phambili ngegoli lika Mpho Mvelase.
