Umqeqeshi weBafana Bafana.uHugo Broos .ukhuza amaqembu adlala kwi Premier Soccer Leugue ngomkhuba wokujaha ithuba lokwenza imali ngabadlali abancane abakhombisa ikhono akhohlwe ukubafundiaa indllela yokuziphatha ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
UHugo uyaziwa ngokungathuli uma kukhona angeneme ngakho njengoba enza kuMbekeeli Mbokazi ngoDisemba naku Jaydon Adams weMamelodi Sundowns ngonyaka odlule .
Bobabili labadlali babefike sekudlule isikhathi ejimini yeBafana U-,Adams waxoshwa kodwa uMbokazi waxwayiswa kanzima.
Kusukela athatha umsebenzi ngo -2021.lo mqeqeshi waseBelgium usenyathele amakhona abaningi ngezinkulumo zakhe uma kukhona angakuthandi kubaphathi bezindaba zabadlali kuya emaqenjini uqobo
UBroos ukhulume ngalo mkhuba esithangamini nabezindaba lapho ebenza khona amalungiselelo okugcina omdlalo wobungani wokuqala ne Panama ngolwesihlanu ngo-7 ebusuku eMoses Mabhida Sradium eThekwini.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePitoli kuleli sonto .uBooos ukhale ngomkhuba omubi wamaqembu e-PSL wokubeka phambili imali .angazixaki ngokukhulisa abadlalo abancane ngendlela yokuziphatha.
Kula maqembu uBroos uphume iqhubu ne+Orlando Pirates ngendlela eyenza ngayo ngesikhathi uMbokazi eshiywe yindiza okwaholela ekutheni afike sekudlule isikhathi ayelindelwe ngaso ekhempini.
“Mubi lomkhuba wamaqembu wokubuka abadlali abancane njengemali hayi izingane ezincane ezisadinga ukugadwa cishe kukpna konke okwenzekayo” kusho uBroos
“Isenzo sePirates sokivikela uMbokazi ekubeni esephutheni sangishiya nginengekile ngoba kwakungicacela ukuthi bayambulala esikhundleni sokumaka
“Ngiyazu ngijwayele ukukhala ngokuziphatha kwabaphathi bezindaba zabadlali uma sebebona imali kodwa ukungishayela ucingo kwePirates ingazisa ukuthi uMbokazi ushiywe indiza ngoba ubesuka endaweni okulukhuni ukufinyelela esikhumulweni sezindiza uma usuka kuyona kwangicika
“Umbokazi nabanye abadlali beBafana banekusasa eliqhakazile kodwa lokho akukucishi ukuthi baseyinjejane.
‘Lolu hlobo lwabadlali lusadinga ukubanjwa ngesandla kokuningi .uma amaqembu abo ebavikela bonile kufana nokuthi usuke ekugquqguzela ukuthi bangahloniphi umthetho.
“Akuyona iPirates yodwa enalo mkhuba kepha namanye amaqembu e-PSL asengikhombisile kaningi ukuthi imali ebona ukuthi angayenza ngomdlali osemncane kuba iyona ehamba phambili kunokuthi. amfundise indlela eqoqekile yokuziphatha komdlali webhola elikhokhelayo”
