Owayengumdlali we-Orlando Pirates .uTshegofatso Mabasa .useqede ukuqagela ngekusasa lakhe njengoba esesayine eqenjini elisha.
Uphinde waqopha umlando ngokuba ngumdlali wokuqala waseNingizumu Afrika ukusayiniswa ompetha baseMorocco .IMas Fes.
UMabasa usayine inkontileka yeminyaka emibili .enenketho yokwengezwa ngomunye unyaka.
Usaynwa nje yingoba IMas Fes iqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeCaf Champanion League ka2026/27
Leli qembu belifuna ukumsayinisa nangesizini edlule .kodwa u-Mabasa wanquma ukuhlala kwi- Orlando Pirates ngaleso sikbathi.
Ubehlose ukuzama ukwephula irekhodi lomshayimagoli ohamba phambili emlandweni walekilabhu..
Lokhu akuzange kwenzeke njengoba egcine ebolekiswe kwelinye iqembu ngoba engekho ezinhlelweni zomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.
Manje lo mgadli uqala isigaba esisha emsebenzini wakhe eMorocco.lapho ezobe ehola khona ukuhlasela kweMas Fes emqhudelwaneni weligi nakwiCaf Champanion League.
Ngaphambi kokusayina kuleli qembu u-Tshegofaso ubefunwa futhi emantaniswa namaqembu amaningi okukhona kuwo neKaizer Chiefs.
Futhi ubeke wakhonjwa nakwiPyramid FC yase -Egypt esanda kuqasha uRulani Mokwena njengomqeqeshi wayo
