U-Abdeslam Ouaddou akafuni ukutjji ukubona umbukiso ongenasidingo enkundleni ufuna ukuboma ibhola elihlanzekile nelisebenzayo
Ngemuva kokuthi i-Orlando Pirates ishaye iDurban City ngo2-0 lo mqeqeshi ugxile kuSumphiwe Masilela.wathi lo mdlali ukhombise uhlobo lwebhola alufunayo
“Uma nibona uMasilela namuhla…wenze kahle.”kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo
“Angiceli okunye leli ilona bhola engilithandayo”
U-Ouaddou uthi ufuna uMasilela aqhubeke nokudlala ngendlela elula .esebenza kahle futhi agweme izinto ezingadingekile
“Leli yizinga eliphezulu futhi ngiyamphusha ukuthi aqhubeke nokusebenza kahle kanjalo adlale ibhola elimsulwa futhi ashiye lezi ezinye izinto ngemuva
“Kumele adlale ibhola elilula .ngijabule futhi kumele ngikusho lokho”kuqhuba lo mqeqeshi
Lezi ezinye izinto azishoyo wukubukisa ngomjiko ongenasidingo umqeqeshi akhulume ngakho ngempalsonto
Kulo mdlalo ubone okuphambene nalokho njengoba uMasilela .ophuma kwi Dstv Diski Challenge.edlala ngendlela ekhombisa ukukhula
“Lowo umsebenzi wami njengomqeqeshi -ukuthuthukisa abadlali abasebasha ukuze badlale lolu hlobo lwebhola”kusho yena.
U-Ouaddou uthi akazimisele ukubaphathisa okwamaqanda abadlali abasebasha.
Uthi uyawamukela amaphutha.kodwa kuya ngokuthi umdlali udala kweyiphi indawo
“Uma udlala emuva .uma wenza iphutha kusala unozinti kuphela ngemuva kwakho.
“Ngqkho kwesinye isikhathi kumele sikusheshise ukuthuthuka kwabo”kwengeza yena
“Ngendlela engakhuliswa ngayo mina .ngeke ngibaphulule abadlali ngibanike isikhathi esiningi
“Kwesinye isikhathi kumele ubaphushe .yileyo ndlela engamphusha ngayo uSeema ngesizini edlule”
ULebone Seema usengomunye wabadlali umqeqeshi ababheka njengengxenye yekusasa lebhola laseNingizimu Afrika
Uthi umdlali kumele akwamukele ukugxekwa ukuze athuthuke
“Uma ngekwengqondo usukulungele ukwamukela ukwamukela umqeqeshi eqinisa ulimi .uzothuthuka.
“Kodwa uma ubuthaka ngokwengqondo .uma umqeqeshi ekuthethisa -futhi angithethisi abadlali bami ngoba ngifuna ukubabulala .ngifuna babe ngabahamba phambili ”
Umgomo wakhe awugcini ngokwenza amavidiyo .ufuna izindebe .bese abadlali beya e-Europe.
“Ngifuna baqhubeke nokunqoba izicoco nePirates futhi ngokuzayo badlale e-Europe
“Ngakho uma ngibona laba badlali bedlala kahle ngiba umqeqeshi ojabulile”kusho yena
Umdlalo wangolwesine umjabulisile .ikakhulukazi indlela abadlali abasebasha abadlale ngayo.
“Namuhla ngijabule ngabadlali abasebancane .uma ningibona ngifika lapha ngigqoke izingubo zosomqhlaya kusho khona ukuthi khona okungahambi kahle ”
Kulokhu u-Ouaddou uhambe ejabule .futhi wakubeka kwacaca ukuthi uma iPirates izoqhubeka ngalendllela uzohlezi ejabule
“Mina ngiqeqesha futhi ngijabule ukuqeqesha abadlali abawuhloniphayo umsebenzi wabo
Abadlali abasezingeni eliphezulu .futhi namuhla ngibe nabadlali abayizingwceti enkundleni .
“Bengijabule kakhulu .uma ngifika ekhaya namuhla ngizolala kahle”
