October 19, 2026
Screenshot_20260921_192750

Iqembu leBetway Premiership elizinze KwaZulu Natal .iRichards Bay selisheshe lasivala isikhala somqeqeshi osule ngesonto elidlule.

Leli qembu seliqoke uDimitar Nikolaev Pantev waseBulgaria njengomqeqeshi walo omusha.

INatal Rich Boys iqinisekise ngoMsombuluko ukuthi uPantev usayine inkontileka yonyaka owodwa.onenketho yokwelula.

IRichards Bay FC iyakujabulela ukumemezela ukuqokwa kuka Dimitar Nikolaev Pantev njengomqeqeshi omkhulu.

“Usayine isizini eyodwa enenkontileka yokwelula.”kusho isitatimende sekilabhu

UPantev oneminyaka engu-50 uneziqu ze-Uefa A Licence .futhi ufika nerekhodi elihle lomsebenzi awenze e-Afrika eseMpumalanga neseNingizimu

Useke waqeqesha .iSimba SC eTanzania .namaqembu amabili eBotwana iJwaneng.Galaxy neGaborone United.

IRichards Bay igqamise impumelelo yakhe emqhudelwaneni yeCaf nakweyasekhaya njengento eyihehe kuye

UPantev ubambe iqhaza elikhulu ekuholeni iSimb SC ukuthi ifinyelele esigabeni samaqoqo kwiCaf Champanions League ngo 2025

Ngo2024 wahola i-Orapa United yafinyelela esigabeni samaqoqo kwiCaf Confedaration Cup

Uphinde wanqoba iBotshwana National Cup neJwaneng Galaxy ngesizini ka 2025/2026. Kanti ngaphambi kwalokho wanqoba iligi yaseBotshwana neGaborone United ngo2024/25

“Umqeqeshi uDimitar uza nolwazi oluningi .ikilabhu iyakujabulela ukumamukela futhi imfisela okuhle kodwa” kusho iRichards Bay

Ukuqokwa kukaPantev kukhombisa ukuthi iRichards Bay ifuna umqeqeshi onolwazi lwemidlalo yeCaf .nowazi ukuthi kunjani ukuhola iqembu elizowina izicoco.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *