October 22, 2026
Orlando-Pirates-5

Sekuputshuke uhla oluphelele lwesikwati i-Orlando Pirates ehlomele ngayo isizini ezayo.

Leli qembu laseSoweto lizobe libhekwe ngabomvu njengoba lizobe lilwela ukuphinda elikwenze ngesizini edlule.

Kwisizini yokuqala ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou .iPirates inqobe izindebe ezintathu .yashiya amanye amaqembu encela izithupha.

Inqobe iMTN8.ICarling knockout neBetway Premiership .kule sizini ezoqala ngo -Agasti1 kubhekwe ukuthi iphinde yenze kahle.

Nokho i-Orlando Pirates izobe ingenabo abadlali abambalwa abebeseqenjini ngesizini edlule .futhi baba nesandla kule mpumelelo

Kwabaqapheleka kakhulu abangasekho.Relebohile Mofokeng.uMelusi Buthelezi.noSipho Mbule bobabili asebesemaqenjini aphesheya.

I-Orlando Pirates idedele inqwaba.

UMofokeng usanda kwemukelwa ozakwabo ngenhlokomo kwiRoyale Unione Saint Gillion eBelgium la asayine khona inkontileka yeminyaka emine.

UMbule yena udedelwe mahhala ekupheleni kwenkontileka yakhe .kanti manje usedlala kwiSakho SC yase Iraq.

UButhelezi naye ukhululiwe mahhala kanti manje usayine kwiSekhukhune United la okulindeleke avuselele khona umsebenzi wakhe

Eqenjini eliputshuke kuleli sonto kunabadlali abambalwa abasha okukhona kubo uKabelo kgositsile nonozinti u -Ethan Visagie.

Leli qembu njengamanje lisekhempini yokulungiselela isizini eSpain kanti kulindeleke libuye ngasekupheleni kwenyanga.

Sime kanje lesi sikwati sesisonke: 

Onozinti: Sipho Chaine, Siyabonga Dladla, Ethan Visagie (omusha)

Izitobha: Nkosinathi Sibisi, Lebone Seema, Thapelo Xoki, Mpho Chabatshane, Deon Hotto, Nkosikhona Ndaba, Sbangani Zulu (omusha), Neo Rapoo (omusha), Kamogelo Sebelebele, Yanga Madiba, Deano Van Rooyen. 

Esiswini abahlala emuva: Thalente Mbatha, Makhehlene Makhaula, Sihle Nduli, Goodman Mosele, Masindi Nemtajela, Mthetheleli Mthiyane (omusha), Abdoulaye Mariko, Simphiwe Selepe, Mmatome Molai (omusha).

Esiswini abahlaselayo: Patrick Maswanganyi, Andre De Jongh, Kabelo Dlamini, Thuso Moleleki, Camran Dansin, Cebo Mchunu.

Ezimpondweni:  Oswin Appollis, Tsepang Moremi, Gamphani Lungu, Daniel Msendami, Bohlale Ngwato, Kabelo Kgositsile, Siyabulela Mabele.

Abagadli: Evidence Makgopa, Yanela Mbuthuma, Boiyumelo Radiopane

Kukhona nabanye abadlali abasuka eqenjini leDDC abahambe neqembu elikhulu ngenhloso yokuthi umqeqeshi u-Ouaddou abahlole kahle.

Uma bemchaza, bazobe sebenyuselwa eqenjini elikhulu. Kuvela ukuthi iqembu lisaxoxisana nanoPeter Shalulile ngokuthi alijoyine. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *