October 20, 2026
Tshigwana Wandile Mthombeni, Casric Stars.jpg

Usolwe ngobuthakathi unozinti weCastric Stars kulandela ukugila kwaleliqembu i – Orlando Pirates igoda kwiNedbank Cup ngempelasonto.

ICaatric Stars iwashise iPirates ijezi kulo mqhudelwano kungazelele muntu iyishaye ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.

Umdlalo bewukade uphele zibambene ngo0+0 ngemuva kwemizuzu engu+120 okuhlanganisa nesikhathi esengeziwe

Kube sekuyiwa emaphenathini lapho iindaba iqedelwe khona nokuyilapho lo nozinti -uWandile Mthombeni -ebe esegila izimanga

UBedwebani phans
Bekuthi ngaphambi kokubhekana nozokhahlela iphenathi ahambe ayobhala phansi kwepali okubukeka njengesiphambano.

Usegcine ephawulile ngalokho abekubhala wath nebala ubezidwebela iziphambano bekungekho muthi .

“Amahora angu48 edlule abematasa kimi ngoba ucingo lwami belukhala lukhalile_’ kusho lo nozinti kwiSABC Sport

‘Wonke I umuntu unelukuluku lokwazi ukuthi bengenzani mina ngiphuma emndenini wamakholwa siyiqembu lamakholwa .

“Sisinda ngonkulunkulu.futhi ebingikubhala phansi bekungu+Isaya60 v 22.”lapho isikhathi sesilungile mina nkosi .ngizokwenza kwenzeke.

“Lelo vesi liseduze kakhulu nenhliziyo yami ngoba brngilinde isikhathi eside ukuthola ithuba elifana naleli lokuthi ngiqale imidlalo”

Okuxakayo wukuthi uWandile ngokungefani noyise ongumqeqeshi nosihlalo weCastric Stars iBucs Mthombeni yena ungumlandeli we-Orlando Pirates

Ekhuluma nomunye wabalandeli.ucele uxolo wathi naye kubuhlungu kuye kodwa ubenza umsebenzi wakhe.

Uveze neesifiso sokuthi i+Orlando Pirates imsayinise ukuze athathe izintambo kuSipho Chaine uma sekushaye isikhathi sokuthi awabeke ethala amagilavu.

Bengidweba ukuthi lamaphenathi aye ngaphandle” kusho yena ezincokelela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *