October 20, 2026
images (1)

Elilodwa emaqenjini amane akwazulu asassele kwiNedbank Cup .lizosala emzuliswaneni olandelayo.

Lokhu kungenxa yokuthi aqhathwe wodwa kulomzuliswano obhekwe ngabomvu njengoba kulonyaka kuzophuma umpetha omusha.

Oyedwa phakathi kweGolden Arrows neDurban City uzosala angayi emdlalweni eyandulela owamanqamu

Amazulu wona aqhatheke kangcono kodwa kuzomele azibambe ziqine njengoba ezobe esekhaya ebhekene neqembu elithuse abaningi iCastric Stars.

Leliqembu laseMpumalanga liwashise ijezi i-Orlando Pirates ebithishwe ukuthi izonqoba lendebe

Amazulu wona afike kulesigaba ngokuhlula omkhaya bayo i-Richards Bay abayishaye ngo 1-0 ngolwesihlanu.

IMilford iya Elimpopo iSekhukhune edlule kanzima kumaTuks iphinde yatbola iqembu leMotsepe Foundation’ Champanionship .

Kulokhu iqhathwe nelizihola phambili kulesigaba iMilford FC yakwazulu rkhiphe omkhaya bayo uMkhambathi F C emzuliswaneni odlule

ITS Galaxy nayo emangaze abaningi iqumba phansi iMamelodi Sundowns ngo2-0 ixegiselwe kulo mzuliswano njengoba izobhrkana ne Jaccksa Spears .

ISpears idlala ezigabeni zeSafa futhi yiyo esisele kulo mqhudelwano emaqenjini aqhamuka ezigabeni ezingakhokheli

Isiyonke imidlalo yalo mzuliswano imi kanje

* Amazulu FC v Castric Stars
* Sekhukhune united v Milford F C
* T S Galaxy v Jacksa Spears
* Golden Arrows v Durban City

Lemidlalo izodlala ngempalasonto ka 7no 8 kuMashi kanti imininingwane yezinkundla nezikhathi isazobuye imenyzelwe

Isasasa selivele ke seliphezulu ngokuthi sekungenzeka le ndebe ize esifundazweni njengoba kuyiso esinamaqembu amaningi asele

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *