Seyigcine imenyezelwe inkundla okuzobanjelwa umdlalo we-MTN8 osuvele ubhekwe ngabomvu ngabalandeli.
IMoses Mabhida Stadium yaseThekwini. Isiqinisekisiwe njengenkundla ezosingatha iMTN8 lo mdlalo wamanqamu ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns
I-PSL imemezele le -nkundla ngoMsombuluko kusihlwa.ngemuva kokuyigcina iyimfihlo isikhathi eside.
Lo mdlalo omkhulu uzoba ngomhlaka-10 kuMfumfu .kanti uzoqala ngo-6 ntambama
Ngaphambi kokwenza uhlahlo lweqembu elizoba ngosokhaya. Okhulimela iPSL.uFhathuwani Mpfuni uchaze ukuthi yini eyenza kube neqembu lasekhaya
“Ithuba lokukhetha ijezi ezolisebenzisa .ukukhetha igumbi lokushintshela….
“Nazo zonke -ke izinto ezihambisana nokuba yiqembu lasekhaya “kuchaza uMpfuni
Manje sekubhekwe umdlalo ozoba neziqhumane phakathi kwamaqembu amabili amakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
Amathikithi alo mdlalo weMTN8 azodayiswa kusukela ngolwesihlanu .kanti amanani azoqala ku-150.
Konke sekumi ngomumo Manje sekulindwe kufike lolu suku bese ziqhuthana amazenze.
