Uhambo lweznyama olubheke esigabeni samaqoqo kwiCaf Champanion league luthanda ukuba mnyama emva kokubuya ilambatha ishaywe ngamagoli amathathu eqandeni.
Ezika Abdeslam I Ouaddou zibuye nenduku yombangandlala eDRC Congo la bezidlala khona umdlalo womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlunga.
Amagoli aginqe phansi ezimnyama ashaywe ngoWannet Kashala esiwombeni sokuqala. noDramane Kambou kweesesibili elesithathu
lingene esikhathini esengeziwe.
Ezimnyama zibe nawo amathuba nazo kulomdlalo.UDeon Hotto ulishayile igoli ngesiwombe sesibili kodwa laphikwa ngoba bekukhona owe lupopo odlaliswe ngaphambi kwalo.
Ukubuya kwezimnyama ilambatha kuzoba nzima kakhulu.ikakhulu ishaywe ekuhambeni manje ekhaya kuzofanele isebenze kanzima.
Inkinga enkulu ngesizini edlule iqembu lavinjwa kweyandulela eyamanqamu ngezinye indlela kubhekeke ukuthi ihambe ibanga.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba se -Orlando Stadium ngomgqibelo ntambama kodwa ngaphambi kwalokho izobhekana nePolokwane City koweligi enkundleni efanayo.ebholeni kusengenzeka noma yini kodwa ingcindezi ilele kweznyama
