October 20, 2026
images (1)

ISiwelele FC seyihlukanise nomqeqeshi .uLehlohonolo Seema .nephini lakhe .uWillem Jackson .ngokushesha .

Lokhu kulandela ukuqala kabi kwaleli qembu kulesizini ka2026/27 yeBetway Premiership .

Usihlalo uCalvin Le John ukuqinisekisile lokhu esitatimendeni sangoMsombuluko ekuseni .

Lo sihlalo uthi uGodfrey Mosoetsa nguye ozothatha izintambo njengomqeqeshi obambile okwesikhashana.

Uthi lokhu kuzokwenzeka njengoba kusalindwe ukubuyekezwa kwangaphakathi kokusebenza kweqembu nethimba labaqeqeshi.

Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi iSiwelele ihlulwe ngo3-2 yiKaizer Chiefs eDobsonville Stadium ngesonto

Lokhu kusho ukuthi u-Lehlonolo Seema ushiye i-Siwelele FC ingakawini emdlalweni emihlanu yeligi.isaqoqe amaphuzu amabili kuphela kwangu-15

ULe John uth e ” lesi yisikhathi esinzima eqenjini .kanti abalandeli bethu bafanelwe okungcono kunalokhu abakubonile kule sizini.

“Inkolelo yethu.kuleli qembu .kubadlali bethu .nakulokho esikwakhayo ngeSiwelele ayikashintshi.

“Iqembu libambisene .lisebenza kanzima futhi linomoya wesibindi .ubunye nokulwelana”

ISiwelele sithi isinqumo ngethimba labaqeqeshi sizomenyezelwa uma ukubuyekwza sekuphothuliwe.

“Isizini yethu isencane.sizobhekana nenselelo ephambi kwethu ndawonye.njengeqembu elilodwa nomndeni owodwa ” kusho uLe Johm

UMosoetsa manje ubhekene nomsebenzi wokuguqula inhlanhla yeSiwelele ngokushesha ngaphambi komdlalo wabo olandelayo.

ISiwelele FC izoqala impilo ngaphandle kukaSeema ngokubhekana neMamelodi Sundkwns ngolwesithathu ebusuku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *