October 20, 2026
images (1)

UMohau Nkotha ubuyela kwi-Orlando Pirates ngemuva kwesizini eyodwa kwiSaudi Pro League la abedlala khona kwi-Al-Ettifaq

Lo mdlali ohlaselayo wajoyina i-Al-Ettifaq ngoJulayi 2025 ngemuva kwesizin yokuqala encomekayo kwiPirates.

Ukushiya kwakhe kwaphakamisa imibuzo .kodwa waqala kahle eSaudi Arabia ngaphambi kokuphazanyiswa ukulimala .

Manje ukubuyela kwakhe kuze ngesikhathi esibalulekule ku-Abdeslam Ouaddou .njengoba iPirates ilahlekelwe abadlali abaningi kuleli windi lokudayiselana.

Phakathi kwabadlali abashiye iPirates kukhona uTshegofatso Mabasa.uRelebohile Mofokeng.uDean Van Rooyen. UBandile Shandu.Patrick Maswanganyi .noSipho Mbule.

Ukubuya kukaNkotha kuzonikeza i-Orlando Pirates enye indlela ebalulekile ekuhlaseleni .ikakhulukazi njengoba uRelebohile noMaswangayi bengasekho.

UNkonta useyazi kahle iPirates futhi ubuya unesipiliyoni sebhola laseSaudi Arabia .

Njengoba Ipirates ibhekene nemidlalo yasekhaya neyase-Afrika ukujula kwesikwati kuzobaluleka.

Ukubuya kwakhe kungaba yithuba lokuphinde akbombise ikhono elamenza wathandwa e -Orlando Amstel Arena.

Iqembu lidinga abadlali abakwazi ukuletha amandla .ijubane nobuciko .kanti Unkotha unazo lezi zimfanelo.

Ngemuva kokushiya kwakbe uMofokeng naye uthuthele eBelgium kanti uMaswanganyi uye eBahrain.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *