Sekuvele ukuthi ithimba likaPitso.Mpsane kwi-Bafana Bafana alikapheleli yze sekumenyezelwe uMorena Ramoreboli njengephini lakhe.
Manje sekuvele ukuthi UMosimane usafuna elinye iphini ukuze abe mabili .kanti usehlonze umqeqeshi weqembu leBetway Premiership elizinze eThekwini.
UMosimane washo ngesikhathi eqashwa wathi kunzima ukuthola abanye abantu abafisayo ngoba banezinkontileka emaqenjini abo.
IDiski Times isibike ukuthi omunye walaba abafunwa uMosimane ngu-Arthur Zwane oqeqesha Amazulu FC njengamanje.
“Umqrqeshi waMazulu FC uhamba phambili kwabafunwa uPitso Mosimane ukuthi abe yiphini lesibili kwiBafana Bafana “kusho lo mbiko.
Ithimba elisha elizocija iBafana ngemuva kukaHugo Broos kulindeleke libe liphelele ngaphambi kwekhempu ezayo.
IBafana Bafana izohlangana ngasekupheleni kwale nyangq ukulungiselela imidlalo yokuhlungelq iCaf Africa Cup of Nation yangonyaka ozayo.
Izobhekana neGuinea.e-Orlando Amstel Arena ngoSeptember 26.bese ivakashelwa i-Ertrea ngoSeptember 30
Ngemuvabkwalokho iBafana Bafana izobe seyilibangisa eCairo la izoyozwana khona amandla ne-Egypt njengoba kuqala inkathi entsha ngaphansi kukaPitso Mosimane
