October 22, 2026
images (1)

AmaZulu FC asememezele ngokusemthethweni ukusayinisa abadlali abayisikhombisa abasha njengoba iqhubeka nokwakha isikwati esizolwa ngaso ngesizini ezayo ngaphansi komqeqeshi u+Arthur Zwane .

Usuthu luqede endaweni yesine kwiBetway Premiership ngesizini edlule futhi lunethemba lokwenza kangcono kule sizini entsha.

Njengamanje leli qembu lisenkambini yokuzilolonga eGoli lilngiselela ukuqala kwesizini.

Kubadlali abasha kukhona u+Omega Mdaka.ongumdlali wasemuva kwesobunxele osuka kwiStellenbosch fc.noKhomotjo Lekoloane.

Kuphinde kwasayiniswa umdlali wasesiswini uMncedi Vandala osuka kwiMagesi FC nomdlali wasemuva kwesokudla uKeena Phillips obedlala kwiGolden Arrows.

Usuthu kubuye lwaqinisa esiswini ngokusayinisa uGape Moralo osuka kwiSiwelele FC .unozinti wase Ivory Coast uFabeur Kouassi osuka kwi Djobila AC yaseMali nomgadli waseKenya uMoses Shumah.

UShumah ufike eThekwini ngemuva kwesizini enhle kakhulu kwiPower Dynamos yaseZambia .lapho eshaye khona amagoli angu-23 kuyo yonke imiqhudelwano.

Umengameli Wamazulu fC uSandile Zungu .uthe laba badlali basayiniswe ngemuva kokucutshungulwa ngokucophelela

Futhi ukholwa ukuthi bazoletha ikhwalithi .isimilo.nesifiso sokusiza iqembu lifeze izinhloso zalo kule sizini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *