October 20, 2026
hq720

IMamelodi Sundowns ithele othulini i -Orlando Pirates ebingalindele ngo 2-1 e FNB Stadium ebigcwele phama ngolwesithathu ebusuku.

Lomphumela uvule gengelezi umjaho wesicoco seBetway Premiership njengoba sekusele imidlalo engaphansi kuka-15 kuphele isizini.

Futhi awugcinanga lapho uphinde waqeda umqgiqgo wePirates wokungehlulwa ekhaya waphinde wanciphisa negebe ezihola ngalo phambili.

Okuthanda ukuba bucayi wukuthi yize iPirates isephezulu kwilog isizizwa kakhulu izigi zeSundowns esasilele ngomdlalo owodwa emuva.

Umqeqeshi wezimnyama u-Abdeslam Ouaddou ubehlele umdlalo ohlangene la bebezogcina kahle ibhola bese bakha iminyakazo yokuhlasela esheshayo.

Kodwa izinhlelo zakhe zihlangane nembibizane ngenxa yobukhali beSundowns uma iya phambili ikakhulukazi umgadli wayo wase Colombia uBrayan Leon.

®Ugadle waphindelela uLeon uthulise izihlwele zeBucs ngamagoli amabili asheshayo ngesiwombe sokuqala
®Uthole izitobha zihuqa ubuthongo amahlandla amabili ngomzuzu ka-36 no-40 wabhakuzisa inethi ngobuchule.
® umthelela wobengekho ukungabi khona kwaThalente Mbatha-olimele kushiye udonga lwasemuva lwePirates luvuza iSundowns yathola izikhala zokulujezisa.
°Impendulo yePirates iPirates ikwazile ukuziqoqa idlale kahle esiwombeni sesibili. Ivuselelwa igoli lika Patrick Maswangayi alishaye zisanda kubuya ekhefini kodwa yagcina yehlulekile ukuthola elokulinganisa yize iwakhile amanye amathuba.

U+Ouaddou uphoxekile kodwa usenathemba uveze ukuthi icebo lakhe alikwazanga ukusebenza ngesiwombs sokuqala.
“Ngicabanga ukuthi sibe nomdlalo weziwombe ezimbili” kusho u-Ouaddou emva komdlalo

“Kwesokuqala yilapho besifuna khona ukubumbana sidlale bese sakha iminyakazo yokuhlasela ngesineke

“Ngeshwa lokhu besingakwenzi kahle esiwombeni sokuqala ngakolunye uhlangothi iSundowns ibe namathuba ambalwa futhi yawasebenzisa kahle kunathi”
Yize ephoxekile ngomphumela lomqeqeshi wenelisekile ngezinye izinto ikakhulukazi indlela abakwaze ukuziqoqa ngayo esiwombeni sesibili.

Futhi lomdlalo kufanele ukuthi umfundise okuthile ngeqembu lakhe
®Izigi ezisindayo zeDowns iSundowns ikhombisile ukuthi inamava embangweni wesicoco ngokungatatazeli yize iqale umdlalo icindezelekile.isebenzise amathuba ayo iPirates yehluleka futhi beyitatazela ifuna ukugwaza kuqala
®Ukuphatha kwakbe abadlali yize kungaqinisekiwe umqeqeshi ushiye umdlali wakbe onamava u -Evidence Makgopa ngoba eshwebe amathuba kodlule

Lokhu kufake ingcindezi kuYanele Mbuthuma osemncane ogcine ehlulwa amathuba abengawasebenzisa.

Naphezu kokuhlulwa u-Ouaddou ugcizelele ukuthi akukho lutho olubalahlekele futhi impi isaqhubeka.

Kodwa manje igebe selinyamalele kuhle kwamazolo ebona ilanga .ingcindezi seyibuyele eqenjini lakhe.

Nokho uzothola ithuba elihle lokubuyisa ukuzethemba eqenjini lakhe ngomdlalo olula weNedbank Cup neCastric Stars kulempelasonto

Ngemuva kwalokho kuzoshuba kakhulu futhi i-Orlando Pirates kuzomele ihlangane ngokushesha njengoba ibuyela eFNB Stadium ngofebhuwari28
Kulapho izobhekana khona neKaizer Chiefs ezikhotha amanxeba ngemuva kokuphoxeka kwiCaf Confedaration Cup

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *