October 21, 2026
Screenshot_20251018_151329_com.gbox.com.google.android.googlequicksearchbox_edit_103532026075971

Ushone esebonisiwe ngokudlula kwakhe emhlabeni noma kube isigubhukane. Obengumqeqeshi wesibhakela uThemba Zulu.oshone ngolwesithathu ebusuku.Umqeqeshi uZulu obeneminyaka ewu -55 oyibambe ishisa kwezamankomame eNingizumu Afrika.ezimisele ukukhiqiza umpethaa womhlaba.
Udlule emhlabeni emva kokugula isikhashana ehlushwa isifo sofuba esibedlela iPholosong.eBlakpan.emva kokungeniswa khona ngomsombuluko esexineke kakhulu .Uzulu ungowokudabuka eNhlazatshe eFiilidi.

U Archie Nyinga oyisikhulu seboxing Soutn Africa udalule ukuthi uvalelisile kubona ngenkathi bezombona emzini wakhe ngesonto
UNyanga uthathe ezinye izikhulu ngenkathi beyombona emzini wakhe bathe besaxoxa uZulu wavelelisa wathi usefuna ukuyophumula. Wabalula ukuthi akaboni ukuthi loshaya isonto elizayo esaphila
UNyanga ubalule ukuthi kubuhlungu ukuhamba kwakhe Ngoba ubebaluleke kakhulu esibhakeleni sase Gauteng ikakhulukazi e-East Rand Ngoba ubeyithemba labashayi sibhakela bakhona ubelokhu eqhubekile nesibhakela noma ebesebambekile noma sengimcela ukuthi ahlale ekhaya.

Kubashayisibhakela abaqeqeshwe uZulu kukhona uXolani steady but sure )) Mvubu wasolundi. Luyanda Mxolisi “my weather” Nombewu amuwinisa ibhande me IBO international Bantamweight nebhokisa lesifazane iSimangele Hadebe alishiye likleliswe kwabagaqele ibhande le -SA female Bantamweight .

Indodakazi yakhe uNomfundo ikuqinisekile ukuthi uyise uthathwe isifo esincikene nofuba. Ithe indodakazi yakhe bayazama ukuziqinisa Ngoba uyise akagulanga isikhathi eside bebengangaItsheli ukuthi usezohamba isigubhukane. Ithe nakuba bengakayihleli inkonzo yesikhumbuzo kodwa uyise uzofihlwa ngolwesine kwaTema emva kwenkonzo ezoba sefamily Christian Center

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *