October 19, 2026
images (1)

Sekusuke omunye umsindo ebholeni lomhlaba ngemuva kokuthi umengameli wase Melika uDonald Trump. evume ukuthi ungenelile ekutheni kuhoxiswe ukumiswa kuka Folarin Balogun.

UTrump uthi uxhumane nomengameli weFifa uGlann Infantino .ecela ukuthi kubuyekezwe ikhadi elibomvu elanikezwa lo mgadli

Lokhu kwenzeke emahoreni ambalwa ngaphambi kokuthi i-USA ibhekane neBelgium emzuliswaneni ka -16 wendebe yomhlaba.

Ngemuva kwengxoxo kaTrump no Infantino .ififa ibe seyiguqula isinqumo sayo yahoxisa ukumiswa kukaBalogun umdlalo owodwa yamvumela ukuba adlale.

Lesi sinqumo sidale intuthukuthelo enkulu e-Europe .inhlangano ephethe ibhola .iUefa.isola ififa ngokwephula imithetho nokubeka engcupheni ubuqotho bomqhudelwano

Ekhuluma eseWhite House .uTrump uthe akazange ayalele ififa ukuthi iguqule isinqumo.

Uthe yena akwenzile ukucela kuphela ukuthi kubuyekezwe isinqumo.

U-Donald Trump uphinde wagxeka unondweba waseBrazil .uRaphael Claus .ethi wenze iphutha ngokukhipha uBalogun

“Ngiyazithanda ezemidlalo futhi ngiyaliqonda ibhola .lokhuya bekungelona iphutha elifanele ikhadi elibomvu .

“Kube ukushayisana kwabadlali ababili kuphela ” kusho iTrump.

UTrump uphinde wathi akulungile ukuthi umdlali avinjelwe umdlalo ongakadlalwa. .

Uze wahlekisa ngokuthi uma iBelgium ishaya iMelika uzothi nomdlalo ubuhleliwe? Njengoba ake asho nangokbetho lwaseMelika lwango-2020.

Ngakolunye uhlangothi .u-Infantino ukuqinisekusile ukuthi ukhulumile no-Donald Trump .kodwa wagcizelela ukuthi isigungu esizimele seFifa yiso esathatha isinqumo sokuhoxisa ukumiswa kuka Folarin Balogun

Nokho kuze kube manje iFifa ayikacacisi isigaba somthetho esisebenzisile ukuhoxisa lesi sijeziso

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *