October 19, 2026
images (3)

Amazulu FC aseqinise iqembu ngabadlali ababili abasebancane.njengoba kuvulwe iwindi lokuwhebelana ngabadlali likaJanuwari.

Usuthu luveze ukuthi selusayinise uLuyolo Slatshwa.oneminyaka engu-22 obedlalela iCape Town City. esigijima kwi Motaepe Foundation Companionship.

Akusiye yedwa njengoba efikisane noGustawo Lopes.oneminyaka engu-24 ongowokuzalwa eBrazil ofike kuMazulu evele engenalo iqembu.

ISlatsha odabuka eQonce nodlala esiswini .uzwakalise ukwenama okukhulu ngemuva kokusayina kuMazulu ebalula imfudumalo ayificile
‘Ngemukelwe kahle kakhulu kuze kube yimanje’kusho uSlotsha.

“Kuyisimo esivulelekile lapho ubudlelwano phakathi kwabaqeqeshi nabadlali bubuhle kakhulu.

“Ukuxhumana kuvulelekile.kuqondile.kuthembekile futh kuyaphoqa ngokwezinga elilindelwe ukuncintisana kwiligi.

“Konke kuqondile esikwatini +abanamava.abadlali abaziwayo nalabo abanekhono abasebancane.

“Ngikholwa ukuthi leliqembu lingakwazi ukwenza into ekhethekile into engibeka umqondo kuyona ukuzinza eqenjini bese okunye kuzozilandelela.”

ULopes ungumdlali wasemuva onekhono oke wadlalela iqembu lase Mozambique.iclub ferrowiario de Beira

Lomdlali unethemba lokusheshe azibonakalise yize esenesonto elilodwa kuphela eThekwini .ngaphambi kokuqala isahluko esisha kwi PSL.

“Ibhola laaeningizimu Afrika liza nengcindezi futhi liyalandelwa nangaphandle kwezwe_”kusho ULopes.

*lihle kidlalwa ibhola elihle futhi lokhu kulula ukukubona.ngemukelwe kahle selokhu ngifikile futhi sengikubonile ukuthi izinto zihleleke kanjani eqenjini.

“Izinto zihleleke ngendlela eqinile lapha futhi yonke into yenziwa ngokuqondile.ngicabanga ukuthi leli yiqembu elingazuza lukhulu”

Amazulu azobuyela emdlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana ne TSGalaxy eMoses Mabhida Stadium.eThekwini.ngojanuwari25 ngo-3.30 ntambama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *